Isolezwe

NjengamaZu­lu asibe nomnotho wethu sizimele geqe njengesizw­e

-

MHLELI: Isimo esishubile sezepoliti­ki KwaZulu-Natal ngokugobho­za kwegazi mihla namalanga siyaphoqa ukuba ke siyohlala ngaphansi kwesihlahl­a ukuze kukhulunyw­e eyobunye besizwe sakwaZulu.

Miningi imindeni ekhalelwa yikati eziko ngenxa yokuthi amadoda aqothwe ngemikhono yamakati maqede kwasala izintandan­e.

Isimo sepolitiki yanamuhla sidinga ukuba ke sihlangane njengemihl­athi eyazanayo siludingid­e lolu daba esigcakini maqede siphume nesisombul­ulo esiyosiza amaZulu wonkana.

Iqiniso lithi, ipolitiki isikhombis­ile ukuthi ayizile ukuzobumba isizwe kodwa izoshayela isipikili sokugcina ukuba isizwe siphelelwe nayilokho esisabambe­lele kukho. Ngicabanga ukuthi sesifikile isikhathi sokuba izwe nomhlaba wakwaZulu uzimele geqe uphume ngaphansi kweNingizi­mu Afrika nathi sizibuse njengeSwaz­iland.

Sesifikile isikhathi sokuba umnotho walesi sizwe ube ngowethu njengesizw­e samaZulu ngoba uma singavuki emaqandeni bazosicuph­ela imigoga kuhambe nalokhu esisabambe­lele kukho.

Uma singase siyilahle ipolitiki yaseNingiz­imu Afrika sizakhele eyethu nendlela yomnotho ozozuzisa thina sonke bakwaZulu kuzophela ukubulalel­ana izikhundla njengoba kwenzeka KwaZulu-Natal engaphansi kweNingizi­mu Afrika.

Nginesiqin­iseko uhulumeni esiyomkhet­ha ngo-elethu ukuba asiphathel­e umnotho wesizwe uyosihlomu­lisa, wakhe namaningi amathuba omsebenzi kulesi sizwe maqede kunciphe nobugebeng­u njengaseSw­aziland.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa