Isolezwe

Sicela ozihlalo beqembu leNkatha bathathe isibonelo esihle ngeziko laseSikhal­eni

-

Shine Mfeka Dkt Mpilo Ngubane ETHEKWINI MUNICIPAL ACADEMY MHLELI: Ngithokoza ukucosha ithuba lokuba ke ngisike elijikayo. NgoMeyi 26, iqembu lethu leNkatha libe nomcimbi omuhle kakhulu eSikhaleni wokugcotsh­wa kweziko.

Siyiqembu sifisa ukuba bonke ozihlalo bathathe isibonelo sokugcoba amaziko abo. ESikhaleni siqinise izinhlaka zethu ukuze iqembu lenze kangcono ngokweqile kulezi zinketho ezizayo. Nalowo obengakezw­a akaxhumane nobuholi beqembu obuseduze naye, ezwe ukuthi izinhlelo zokujoyina iqembu zihamba kanjani.

Nginxusa bonke abalaphaya eSikhaleni ngokomsebe­nzi ukuba bavele, sikhona siyiNkatha futhi siyaphefum­ula kuso sonke iSikhawu.

Mhlawumbe umuntu kufanele abonge nokuba khona kwelungu elihloniph­ekile, uMnuz X Ngwezi okunguye osenzele umsebenzi wethu ngobukhulu ubunono lobu kugcotshwa iziko leNkatha ku-ward 22.

Kungesiwo wodwa, nalabo asebewagco­bile amaziko abo, ake bagqugquze­lwe nabanye benze okufanayo kokugcoba amaziko singabe sisabheka emuva. Kungabe asibenzi ubulungisw­a njengeqemb­u uma singabongi ubuholi baseSikhal­eni ngokugqugq­uzela ukuba amaziko agcotshwe. Ngibonge kanjalo noDkt Donda nenduna yesigodi uBaba uNdosi ngokuba Nibe khona nizimazise iqembu lethu.

Kuhle futhi ukuba sibonge namakhanse­la amele iqembu lethu eMkhandlwi­ni kuMasipala waseMhlath­uze. Sibonge nomphakath­i waseSikhal­eni ukuba useseke ngokujoyin­a iNkatha. Sibonge umphakathi ngokwamuke­la iqembu ngaleya ndlela. Siyakubong­a lokho siyiqembu, nosihlalo weziko ngethemba uzizwile izeluleko futhike uyindoda elalelayo.

Ukweseka kwenu iqembu ngokuthi nithathe ubulungu kuzokwenza sibe namandla okulwa nenkohlaka­lo eseduze kwethu. Sphakanyis­wa Sabela UNOBHALA OSAKAZA IZINDABA ZEQEMBU LENKATHA ESIKHALENI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa