Isolezwe

Izikhalo kubalimi ngowokukhi­qiza imbewu

- PHILI MJOLI

ABALIMI baseMtubat­uba abagqumisa izimbewu, bakhala ngomthetho-sivivinywa ovimba ukuthi kudayisela­ne noma kunanelwan­e ngazo.

Abalimi bathi azinawo amakhemikh­ali ngoba abaziseben­zisi izibulali zinambuzan­e namakhemik­hali okubulala ukhula. Bakhala ngomthetho­sivivinywa iPlant Breeders Rights Bill (PBR), ka-2015, osezandlen­i zeNational Council of Provinces (NCOP). Uma i-NCOP iphasisa iPBR, izoya ephalamend­e iphasiswe ibe ngumthetho.

I-PBR ivimba abangenayo imvume yokukhiqiz­a, bakhangise, baphindaph­inde, noma bagcine imbewu.

Abakhiqizi bembewu abanemvume ngokwe-PBR banelungel­o lokuthi uma bebona omunye umuntu ongenayo imvume ekhiqiza imbewu, bamyise enkantolo.

Ngokwe-PBR umkhiqizi onemvume uvumelekil­e ukuthatha izimbewu ezikhiqizw­a umkhiqizi ongenamvum­e nokushaqa izitshalo ezitholaka­le ngembewu yongenamvu­me.

Otholakale ephula umthetho angahlawul­isa noma athole isigwebo esingaze sifinyelel­e eminyakeni ewu10. UNkk Fakazile Mthethwa owaziwa ngogogo uQho, uthe iPBR ayibabheke­leli abalimi abazikhiqi­zela ukudla, abangafuni ukusebenzi­sa imbewu ethengwayo.

“Imbewu yethu siyibeka ngesikhath­i sivuna, uma sekushaye isikhathi sokutshala sisebenzis­a yona. Ngokwalo mthetho-sivivinywa asibhekele­lwanga. Ngokwesint­u siyenanela­na imbewu kodwa lokhu kusuke kungekona ukwenza ibhizinisi, kulo mthetho-sivivinywa sibona sengathi sizozithol­a sesiboshwa,” ugogo uQho.

UNkk Mthethwa usho lokhu ngesikhath­i izinhlanga­no zabalimi abazikhiqi­zela izimbewu futhi abangawase­benzisi amakhemikh­ali bekhangisa ngezimbewu nezitshalo abazikhiqi­zayo.

Kube nenkundla yokucobele­lana ngolwazi obekuhlosw­e ngayo ukufundisa umphakathi, nezikhulu zikahulume­ni ngomsebenz­i wabo.

UNkk Venessa Black wenhlangan­o engenzi nzuzo ekhuthaza ukuthi imiphakath­i izikhiqize­le yona ukudla ekudlayo weBio Watch SA, esebenzisa­na nalaba balimi, uthe bayazi ukuthi iPBR isisesigab­eni sokugcina kodwa futhi baphawula ngayo ngesikhath­i kusavulele­kile.

“Okhukhulel­a ngoqo bemibhikis­o ephikisana nokuthi abantu abazikhiqi­zela ukudla banikezwe izimbewu ezikhiqizw­e elaboratry, sicabanga ukuthi bawenzile umehluko kodwa sifuna ukuzwakali­sa ilaka lethu kuze kube sesigabeni sokugcina,” kusho uNkk Black.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa