Isolezwe

UTinkler umataniswa nePlatinum Stars

-

ziqiniseki­swe ngumdlali wasemuva uClayton Daniels. Lo mqeqeshi ucashunwe ekuqaleni kwenyanga ethi usafuna ukuhlaba ikhefu izinyanga ezimbalwa ukuze akhe ubudlelwan­o nezingane zakhe. Isolezwe lihoshe ngomthombo osondelene noTinkler ukuthi makhulu amathuba okuthi apheke iDikwena ngesizini ezayo. Uma egcine kuyoba uzovala isikhala sikaRoger De Sa asebenze naye kwiBidvest Wits nakwi-Orlando Pirates. “U-Eric uya kwiPlatinu­m Stars uma kuqedwa ama-Play Off. ICape Town City ike yamthinta ngoba ibona ukuthi kukhona ukushayisa­na phakathi kukaBenni (McCarthy) nabathize asebenza nabo. Kodwa ibuye yayeka. IPlatinum ibihlose ukuthi u-Eric athathe isikhundla sokuqeqesh­a bese uRoger (De Sa) athathe esinye isikhundla kwazise ungomunye wabaphathi beqembu,” kusho umthombo. Kuvele ukuthi akhona amaqembu abekade emfuna uTinkler okubalwa kuwona awasenhla nezwekazi i-Afrika kodwa akayingeni indaba yawo. Ngaphandle kukaTinkle­r, bakhona nabanye abaqeqeshi abangenawo amaqembu okukhona kubona uKgoloko Thobejane okhonjwe indlela yiBaroka maphakathi nesizini, Ephraim “Shakes” Mashaba ongakaze alithole itoho kusukela exoshwe kwiBafana Bafana noTebogo Moloi okuvela ukuthi angase ayosebenza noDoctor Khumalo kwiBaroka. UDan Malesela uphindele kwiChippa United. IStars inikezwe ithuba lokubuyela kwiPremier­ship ikade isigawulwe yizembe. Kwalasha kungene i-Ajax Cape Town esagqigqa enkantolo ngenhloso yokuphikis­a isinqumo seSouth African Football Associatio­n (Safa) sokuyiphuc­a amaphuzu emuva kokulahlwa yicala lokudlalis­a uTendai Ndoro kungafanel­e.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa