‘UJali uzobe edlala kithina ngesizini ezayo’
UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ubona bezowuwina umjaho wokusayinisa umdlali weBafana Bafana, u-Andile Jali, obese kuvele ukuthi usecatshelwa indlela ebheke kwiKaizer Chiefs.
UJali ubuye phesheya kwezilwandle emasontweni adlule lapho abegijima khona kwi-KV Oostende yaseBelgium. Ubangwa yiChiefs neSundowns. Imenenja kaJali, uMike Makaab, ibiveze ukuthi izingxoxo seziya ngasemaphethelweni mayelana nokuthi lo mdlali ajoyine iChiefs.
Nokho uMosimane ukusho ngokuzethemba ukuthi uJali uzogijima kwiSundowns ngesizini ka-2018/2019. Emasontweni edlule uMosimane utshele abezindaba ukuthi kufanele abhekele umoya wobumbano ekhempini ngaphambi kokuthatha isinqumo ngoJali.
“UJali uzodlala kithina ngesizini ezayo. Siyakhuluma naye sekusele kancane. Eqinisweni sekusezandleni zakhe ukuthi asayine. Sixoxile naye wakubeka etafuleni akufunayo. Ufuna okungaphezulu ngoba usebhizinisini kodwa nathi asifuni ukususa umsindo eqenjini bese uPercy (Tau) ethi nikhokhela umdlali wasesiswini imali engaka, hhayi mina engishaye amagoli yonke imidlalo, ngadlala imidlalo engu-30? Siyazazi izindaba ezinjalo singaba nezinkinga,” kusho uMosimane.
“Sifinyelele esivumelwaneni samtshela ukuthi khumbula lapha unabantu obanga nabo indawo kwiBafana Bafana. Kwesinye isikhathi uzodlala kwesinye isikhathi uzohlala ebhentshini, uMabunda (Tiyani) noKekana (Hlompho) bazodlala. Umehluko wezinga awumkhulu kangako. Ukuqondile lokho. Ungumdlali okahle weChampions League. Uma efika uzohlangana nomngani wakhe u-Oupa Manyisa kanti sinoKekana noMabunda. Sihlala sisebenzisa abadlali abane esiswini njengoba sinemidlalo ethothene.”
NgoLwesibili ebusuku uMosimane uqokwe njengomqeqeshi ovelele wesizini ka-2017/2018 i-Absa Premiership Coach of The Season ehlula uMilutin “Micho” Sredojevic we-Orlando Pirates noFadlu Davids weMaritzburg United. Umcimbi wokuklomelisa abenze kahle ubuseSandton Convention Centre, eGauteng.
Imenenja kaJali, uMike Makaab, itshele Isolezwe ukuthi bazimisele ngokuthi kuphele leli sonto uJali esesithathile isinqumo ngekusasa lakhe.
“Akulula njengoba abantu becabanga. Womabili amaqembu aphethe izicelo ezihehayo futhi alwa ngayo yonke indlela ekutheni athole u-Andile ngakho akumele sixhamazele. Kumele sisicubungule kahle isinqumo esizosithatha. Ekugcineni asenzeli abantu kodwa ikusasa lika-Andile ngakho ngeke siphuthunyiswe abantu. Inhloso yethu wukuthi kuphele isonto u-Andile esenekhaya elisha. Okwamanje ubengakasithathi isinqumo sokuthi ufuna ukudlalela liphi iqembu kulawa womabili,” kusho uMakaab.