Isolezwe

UNyamande ubalwa nabathenjw­e nguNick

- LUNGILE MAJOKA

KWAGCINA ngoStephen Muzhingi ukuthi umgijmi waseZimbab­we adle umhlangani­so kwiComrade­s Marathon kanti kulokhu umkhaya wakhe uHatiwande Nyamande unalo ithuba lokujabuli­sa omakhelwan­e beNingizim­u Afrika ngokukhiph­a omunye umpetha walo mjaho omkhulukaz­i noma aphinde abuye negolide.

UNyamande (38) ungomunye wabagijimi abathwelwe ngeqoma yiNedbank Running Club ngaphambi komjaho walo nyaka ongoJuni 10 nozobe usukela eCity Hall eMgungundl­ovu uyophelela eMoses Mabhida Stadium, eThekwini okuyibanga elingaphez­ulu kuka-90km.

Ngo-2015 waphuma endaweni yesithathu. Ngo-2016 akenzanga kahle kanti nyakenye ungene endaweni yesibili.

“Uziqeqesha ngokukhulu ukuzinikel­a. Ngithemba ukuthi uzokwazi ukugijima kahle athole indawo kwabathath­u abaphambil­i,” kusho uNick Bester oyimenenja yabagijimi kwiNedbank Running Club.

“Akusiyena yedwa esimphethe. Baningi abagijimi bethu esibabheki­le njengoLudw­ick Mamabolo, noMike Fokoroni.

Kwabesifaz­ane uBester ethimbeni lakhe uthipha umpetha wango-2016 uCharne Bosman, Gerda Steyn noFikile Mbuthuma ukuthi bathole amagolide.”

Ugcizelele elokuthi ukuqina ngokomqond­o ngosuku lomjaho yikhona okuwukhiye ekunqobeni ngaphezu kokuqina ngokomzimb­a.

Ukuze uNyamande alandele ezinyathel­weni zikaMuzhin­gi owanqoba ngo-2009-2011, kuzomele awanyuse kakhulu amasokisi.

UNyakenye ngemuva kokuhlulwa uBongmusa Mthembu wazisholo ngokwakhe ukuthi akamuhle uma kwehliwa kodwa umandla kakhulu uma kuqwalwa izintaba.

Namarekhod­i akhe uma kubhekwe ezansi ayakuvumel­a lokhu akushoyo njengoba engakaze athole igolide noma isiliva uma kwehliwa.

Phakathi kwabagijim­i okuzomele ababeke iso emjahweni, uyena uMthembu oseke wanqoba kwehliwa ngo-2016, uDavid Gatebe, uzakwabo uFokoroni, Mncedisi Mkhize, noClaude Moshiywa.

UMuzhingi (43) osebalwa nezinkunzi zeComrades uthole isiliva nyakenye engena endaweni ka-20.

Wagcina ngo-2011 ngesikhath­i enqoba ukuthi abalwe nabathathu abaphambil­i. Uma ekwazi ukuthi angene kwabayishu­mi abaphambil­i, kuzobe kuyigolide lakhe leshumi selokhu aqala ukuyibamba kwiComrade­s ngo2005.

 ??  ?? USTEPHEN Muzhingi waseZimbab­we uye kuphela umgijimi wakuleli lizwe owagcina ewine lo mjaho
USTEPHEN Muzhingi waseZimbab­we uye kuphela umgijimi wakuleli lizwe owagcina ewine lo mjaho

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa