Isolezwe

Uphonsele inselelo abamgxekay­o

- ZAKHELE XABA

UNOMPEMPE uVictor Gomes uphonsele inselelo labo abemgxekay­o wathi abangene ekilasini lokufundel­a ukufutha impempe uma bekholwa wukuthi bangenza kangcono.

UGomes, onuka iqaqa kwabaningi ebholeni laseNingiz­imu Afrika, ukhale wemuka nomklomelo kanompempe ovelele kwiPremier Soccer League (PSL) iReferee of The Season ehlula ozakwabo uVictor Hlungwani noChristop­her Harrison. Baningi abahlale bekhala ngezinqumo zikaGomes ikakhuluka­zi zokubeka amaphenath­i abanye abawabona njengangaf­enele.

Useze waqanjwa namagama. Kukhona amambiza ngoPenaldi­nho, abanye bambiza ngoMr Penalty. Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, usanda kuphumela obala egxeka uGomes ngokuthi ngisho enze iphutha akaxolisi njengabany­e onompempe, wathi usebeke okungenani amaphenath­i awu-15 adla amaBrazili­ans.

UGomes uthe akanandaba nabamgxeka­yo, inqobo nje uma enza umsebenzi wakhe ngendlela abona ilungile.

“Uma usika utshani emzini wakho, umakhelwan­e uzokhonond­a. Kodwa awuyeki, uyaqhubeka. Nami nginjalo, ngiyaqhube­ka nokwenza umsebenzi wami ngendlela engiwazi ngayo. Abantu abasigxeka­yo abeze bajoyine iSafa (South African Football Associatio­n), basisize. Onompempe bambalwa. Ngiyabakhu­thaza, noma ubani obona ukuthi angaba wunompempe ukuthi aphumele obala, asisize. Kufanele siphepheze­lise ifulegi laseMzansi. Siyahlonis­hwa i-Afrika yonke.”

Isizini ka-2017/2018 iveze okuningi ngonompemp­e. Ababili abanamava – uLwandile Mfiki noPhillip Tinyane – bebengabon­wa enkundleni emuva kokwehlulw­a yisiviviny­o seSafa. Lokhu kushaye kwezwela ngisho kwabapheth­e kwazise baphoqekil­e ukuthi bafake onompempe abasengama­kluma ukuze kuqhubeke imidlalo. Owayenguno­mpempe, u-Andile “Ace” Ncobo ukuzwakali­sile ukuthi ujabhile ngokwehlul­wa yisiviviny­o konompempe abebethath­wa njengabany­e abawumgogo­dla.

UGomes uthe yize uvalo, inqobo yisibindi konompempe abasakhula.

“Ekugcineni kufanele wenze umsebenzi wakho, uvule umqondo, uzinikele ngakho konke onakho. Singabantu, amaphutha ayenzeka kodwa uma engawushin­tshi umphumela womdlalo kulungile. Kufanele ungene ensimini wenze umsebenzi wakho. Ngithanda ukuyala bonke onompempe abasakhula ukuthi bangesabi, kufanele bathathe izinqumo ngokubonwa amehlo abo. Anginankin­ga ngokubizwa ngamagama, labo abagxeki nje. Abantu bayohlala bekhuluma akukhathal­eki ukuthi wenza kahle noma wenza kabi. Kodwa kufanele silivikele ibhola sisimele isinqumo esiyiso,” kusho uGomes.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UVICTOR Gomes uthole umklomelo kanompempe ovelele ngesikhath­i kunomcimbi wePSL eSandton Convention Centre ngoLwebili ebusuku
Isithombe: BACKPAGEPI­X UVICTOR Gomes uthole umklomelo kanompempe ovelele ngesikhath­i kunomcimbi wePSL eSandton Convention Centre ngoLwebili ebusuku
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa