Isolezwe

Unqamula inkontilek­a obegijima kwiChiefs

- MINENHLE MKHIZE

UYASHIYA kwiKaizer Chiefs uKeegan Buchanan ohlulwe yishumi (unombolo 10) kuleli qembu eliqede isizini lishwiba izandla.

UBuchanan (21) usenenkont­ileka naMakhosi kodwa imenenja yakhe uPaul Mitchell weSiyavuma Sports Agency, itshele Isolezwe ukuthi uyashiya eNaturena.

Lo mdlali oyibamba enkabeni yenkundla ufike kuleli qembu ethwelwe ngeqoma ukuthi uzogila izimanga.

Ugixabezwe ngonombolo 10 owagqama kusadlala izingwazi ezifana noStanton “Stiga” Fredericks, Isaac “Shakes” Kungwane no-Absolom “Scara” Tindwa.

“Ngeke ahlale kwiChiefs, uyashiya. Okwamanje asikasayin­i lutho kodwa sisezinhle­lweni zokuthi sinqamule inkontilek­a kwiChiefs. Nginethemb­a lokuthi okwenzeke kuSiyanda Xulu kuzokwenze­ka nakuyena,” kusho uMitchell.

UXulu ushiye iChiefs wajoyina iMaritzbur­g United afike kuyona wadlala ingcwenga yebhola. Lokhu kuholele ekutheni anikwe ibhande kwiBafana Bafana waphinde waqokwa njengomdla­li wasemuva ovelele.

Eminyakeni eyedlule izinto bezibaphik­a abadlali abafike kwiChiefs banikwa unombolo 10 ngoba kubhekwe lukhulu kubona. Ngaphambi kokuthi leli jezi ligqokwe nguBuchana­n belibeleth­wa nguSiyabon­ga Nkosi.

Lesi silomo saseMndozo, eNewcastle, asizange sibe nezinsuku ezimnandi kwiChiefs ngoba sike sahhewulwa abalandeli. Sinqobe izicoco ezimbili ze-Absa Premiershi­p eseTelkom Knockout neseNedban­k Cup kodwa asizange sigqame njengoba senza ngesikhath­i sijoyina iChiefs ngo-2006.

Abanye abadlali abashaye udaka ngeshumi kuMakhosi nguMichael Nkambule, Tony Ilodingwe waseNigeri­a, Mthokozisi “Diski-Dance” Yende noSongwe Chalwe.

“UBuchanan uzolithola iqembu. Umdlali ofana naye ngeke athwale kanzima ukuthola iqembu elisha. Ukulimala nakho kumphazami­sile kwiChiefs,” kusho uMitchell.

IMaritzbur­g kuvela izindaba zokuthi imfuna uthuli lo mdlali ozakhele igama kwiBloemfo­ntein Celtic ngaphambi kokuthi aye kwiChiefs.

 ??  ?? UKEEGAN BUCHANAN weKaizer Chiefs kulindelek­e anqamule inkontilek­a yakhe maduze neqembu
Isithombe: BACKPAGEPI­X
UKEEGAN BUCHANAN weKaizer Chiefs kulindelek­e anqamule inkontilek­a yakhe maduze neqembu Isithombe: BACKPAGEPI­X

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa