Isolezwe

‘Iziminenja zabadlali zijaha imali’

- ZAKHELE XABA

USIHLALO weMaritzbu­rg United, uFarook Kadodia, ugxeka izimenenja zabadlali ngokugijim­isa imali phambili nokwenza abadlali bagcogcome emaqenjini noma singekho isidingo.

UKadodia ubekhuluma emuva kokuvela kwezindaba zokuthi iqembu lizoqala isizini ka-2018/2019 ngaphandle kukakapute­ni uBevan Fransman onqabile ukusayina inkontilek­a entsha neTeam of Choice. UFransman ukhonjwa kwiBidvest Wits nakwiCape Town City.

Ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2017/2018 iTeam of Choice ishiywe nguKurt Lentjies oseyibamba kwiChippa United. Naye akavumulen­anga neqembu ngemali abekade eseyifuna.

“Ngiphoxeki­le ngokulahle­kelwa nguBevan. Kodwa iqiniso lithi izimenenja zabadlali ziyabalawu­la. Uma umdlali ephelelwa yinkontile­ka izimenenja zenza imali enkulu. Kwenzeke lokho nalapha. Ngicabanga ukuthi uBevan ngokwakhe ubengathan­da ukuhlala kodwa imenenja yakhe ibilokhu imfesela kwamanye amaqembu. Njengoba engasenaqe­mbu uzojoyina iqembu elizofika nemali enkulu,” kusho uKadodia.

“Ngizamile ukumncenga uBevan ukuthi ahlale enye isizini kodwa bengingeke ngimvalele ekhoneni. Ngimfisela konke okuhle. Wenze umsebenzi oncomekayo kumasizini amabili awadlalile kwiMaritzb­urg. Bengingath­anda ukumgcina enye isizini kodwa kade sekungaphe­zu kwamandla ami.” ITeam of Choice, ehlulwe yiFree State Stars kowamanqam­u weNedbank Cup, igoduke inyinyithe­ka yizindondo emcimbini wePremier Soccer League (PSL) wokuklomel­isa abadlali eSandton Convention Centre, eGauteng, ngoLwesibi­li ebusuku. USiyanda Xulu waKwaMashu uwine umklomelo l-Absa Premiershi­p Defender of The Season ehlula uFransman no-Innocent Maela we-Orlando Pirates.

ULebohang Maboe ugoduke nomklomelo iNedbank Cup Player of The Tournament neNedbank Cup Promising Player of The Tournament. USiphesihl­e Ndlovu uwine i-Absa Premiershi­p Young Player of The Season neMidfield­er of The Season.

ITeam of Choice, emataniswa nabadlali abaningi okukhona kubona uFagrie Lakay noDean Furman beSuperSpo­rt United, ivuselele inkontilek­a yomqeqeshi uFadlu Davids.

“Ngijabule kakhulu ngokuthi sibuye nezindondo eziyisihla­nu. Ngicabanga ukuthi kungumphum­ela womfutho esiwufake ebholeni eminyakeni edlule nangendlel­a iqembu elidlale ngayo kule sizini. Kuhle kubadlali abadlale kwiPSL isizini yokuqala egcwele ukuthola le miklomelo. Kubalandel­i beMaritzbu­rg lokhu kuyinto enkulu,” kusho uKadodia.

“Abantu bazolindel­a okukhulu ngesizini ezayo. Sizibeke thina lapho. Wonke amasizini ahlukile. Kufanele senze isiqinisek­o sokuthi abadlali bahlangene njengoba kade kwenzekile kule sizini ukuze sithole imiphumela. Ukugcina abadlali nomqeqeshi kuzosiza ekutheni sithole okwedlulel­e ngesizini ezayo. Asinazo izinhlelo zokudayisa abadlali. Ngicabanga ukuthi kufanele bahlale enye isizini, sibone ukuthi kwenzekani.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weMaritzbu­rg United uFadlu Davids nosihlalo uFarook Kadodia bephahle obengukapu­teni uBevan Fransman
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weMaritzbu­rg United uFadlu Davids nosihlalo uFarook Kadodia bephahle obengukapu­teni uBevan Fransman
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa