Isolezwe

Izingxogxo ngoMhlongo nekhaya elisha kwiCT City

- MINENHLE MKHIZE

KUCACISWA ngekusasa likanozint­i we-Orlando Pirates, uBrighton Mhlongo ofunwa uthuli yiCape Town City.

UMike Makaab weProSport Internatio­nal okuyinkamp­ani ephethe izindaba zikaMhlong­o, uvule isifuba ngamahlebe­zi akhomba lo nozinti kwiCity.

Kule sizini esanda kusongwa, uMhlongo, ubebolekis­we kwiChippa United kwaze kwaphela isizini. IPirates imatasa nezinhlelo zokuqinisa iqembu layo. Leli qembu kulindelek­e ukuthi maduze limemezele uBrilliant Khuzwayo, obekwiKaiz­er Chiefs, njengonozi­nti omusha.

Uzobanga indawo noSiyabong­a Mpontshane noJackson Mabokgwane kwazise eZimnyama zingase zimfake endalini uWayne Sandilands. Lokhu kuyakucaci­sa ukuthi uMhlongo akasenayo indawo kwiPirates.

“I-Pirates iyaxoxa neCape Town City ngodaba lukaMhlong­o. Amaqembu kumele avumelane bese sibhunga ngezidingo zomdlali. Amaqembu angavumela­na kodwa konke kuncike ekutheni umdlali weneme yini yena,” kusho uMakaab.

UMhlongo unobudlelw­ano obuhle nomqeqeshi weCity, uBenni McCarthy. Badlale ndawonye ngesikhath­i uMcCarthy esayibamba kwiPirates. Ngaleso sikhathi uMhlongo wayesemnca­ne futhi eyibambe endaweni yesithathu ohlwini lonozinti abahamba phambili.

USenzo Meyiwa noMoeneeb Josephs babegiya ezintini ngaleso sikhathi. Kwakuthi njalo uma iPirates isiqeda ukuzicija, uMcCarthy noMhlongo basale. UMcCarthy wayesuke efuna ukuzicija ekutheni abe nguchwephe­she wokushaya amafree kick.

Njengamanj­e iCity ibophele uSage Stephens okuphele isizini ebusa ezintini no-Shuaib Walters. Leli qembu like lamatanisw­a noKhuzwayo kodwa lagcina lihoxile.

UMhlongo ujoyine iChilli Boys ngoJanuwar­i. Kuleli qembu ufike wadlala imidlalo eyisishiya­galombili. Ubebanga ijezi nonozinti waseNigeri­a uDaniel Akpeyi osohlwini lwabadlali beSuper Eagles abangase baye kwiNdebe yoMhlaba.

 ??  ??
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBRIGHTON Mhlongo osemabhukw­ini e-Orlando Pirates angase azitholele ikhaya elisha kwiCape Town City
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBRIGHTON Mhlongo osemabhukw­ini e-Orlando Pirates angase azitholele ikhaya elisha kwiCape Town City

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa