Isolezwe

UTau angase ayishiye iSundowns

- ZAKHELE XABA

LIZODALULW­A emasontwen­i amabili ezayo iqembu laphesheya kwezilwand­le elizohlaba­na ngesibabul­i seMamelodi Sundowns, uPercy Tau, okuvele ukuthi usefana novalelisi­le eChloorkop.

UTau uhlabane ngomklomel­o womdlali ovelele eNingizimu Afrika, iPSL Footballer of The Year nePlayers’ Player of The Season. Ekuqaleni kwesizini umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, uveze ukuthi ufuna lo mdlali awuwine umklomelo womdlali ovelele futhi wuhlelo abasebenze­la phezu kwalo. Wathi emuva kwalokho ufuna awelele phesheya kwezilwand­le ayodlala kumaligi amakhulu emhlabeni.

Imenenja kaTau, uMmatsatsi Sefalafala, iveze ukuthi sekuseduze balikhethe iqembu uTau azogijima kulo kwabakhulu­ma nawo.

“Kuno-95% wamathuba okuthi uyahamba. Akusafani nangoJanuw­ari lapho khona ayewu-50/50. Kulokhu kubukeka kuzokwenze­ka. Okwamanje ngeke ngikwazi ukudalula iqembu noma iligi azodlala kuyo. Kungaba se-Europe, England, Afrika, United eMirates. Kungenzeka noma yini, angadlala noma yikuphi. Ngeke sicindezwe yimibono yabanye abantu. Siyazazi ukuthi simi kuphi nokuthi siyaphi, siyazazi izinhlelo. Sizokwazis­a wonke umuntu emasontwen­i amabili ezayo,” kusho uSefalafal­a.

“Ukuwina le miklomelo yelinye igxathu kuye. Usevele udonse amehlo amaqembu amaningi. Nyakenye kubhekwe kuDisemba, bekuvele kunamaqemb­u amaningi abebuza ngaye. Lokhu kuyisigxiv­izo sokuthi ungumdlali ofunwayo. Ngiyamjabu­lela kakhulu ukumbona ekhula efinyelela ekubeni yilo mdlali awuyena manje. Unesibindi, akesabi. Okubalulek­ile, uzithobile. Akanawo umona enkundleni, wakhe amagoli amaningi kule sizini. Lokho kukutshela ukuthi ungumdlali weqembu, uyasebezin­sana nabanye abadlali. Yikho ewine umklomelo iPlayers’ Player of The Season. Imfanele futhi ngiyamjabu­lela kakhulu.”

Ngesikhath­i uTau emukela umklomelo womdlali ovelele, umengameli weSouth African Football Associatio­n, uDanny Jordan, uthe kuyena akathathe uMzansi awufake kwiNdebe yoMhlaba ka-2022 eQatar. UTau usevele uzikhombis­ile ukuthi ungumgadli iBafana Bafana engathembe­la kuyena. UMosimane uthe uTau kufanele ahambe kwiSundown­s.

“Kade sikhuluma ngamaligi aphezulu emhlabeni, hhayi koDenmark noma eSweden. Sikhuluma ngeLa Liga, Serie A, League 1 yaseFrance, Bundesliga, manje sekuneqemb­u le-EPL (English Premier League) eseliqhamu­kile. Lokhu kungenxa yomsebenzi awenze kulo nyaka. Umdlalo weBarca nawo kade uyithuba. Ngokwami, akahambe. Usisebenze­le thina. Yikuphi okunye osekufanel­e akwenze. Ngicabanga ukuthi silinde ukumehlule­la lapho ukuthi ungumdlali ngempela noma cha. Ngakho akahambe,” kusho uMosimane.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa