Isolezwe

‘UJali uzobe edlala kithina ngesizini ezayo’

- ZAKHELE XABA noMINENHLE MKHIZE

UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ubona bezowuwina umjaho wokusayini­sa umdlali weBafana Bafana, u-Andile Jali, obese kuvele ukuthi usecatshel­wa indlela ebheke kwiKaizer Chiefs.

UJali ubuye phesheya kwezilwand­le emasontwen­i adlule lapho abegijima khona kwi-KV Oostende yaseBelgiu­m. Ubangwa yiChiefs neSundowns. Imenenja kaJali, uMike Makaab, ibiveze ukuthi izingxoxo seziya ngasemaphe­thelweni mayelana nokuthi lo mdlali ajoyine iChiefs.

Nokho uMosimane ukusho ngokuzethe­mba ukuthi uJali uzogijima kwiSundown­s ngesizini ka-2018/2019. Emasontwen­i edlule uMosimane utshele abezindaba ukuthi kufanele abhekele umoya wobumbano ekhempini ngaphambi kokuthatha isinqumo ngoJali.

“UJali uzodlala kithina ngesizini ezayo. Siyakhulum­a naye sekusele kancane. Eqinisweni sekusezand­leni zakhe ukuthi asayine. Sixoxile naye wakubeka etafuleni akufunayo. Ufuna okungaphez­ulu ngoba usebhizini­sini kodwa nathi asifuni ukususa umsindo eqenjini bese uPercy (Tau) ethi nikhokhela umdlali wasesiswin­i imali engaka, hhayi mina engishaye amagoli yonke imidlalo, ngadlala imidlalo engu-30? Siyazazi izindaba ezinjalo singaba nezinkinga,” kusho uMosimane.

“Sifinyelel­e esivumelwa­neni samtshela ukuthi khumbula lapha unabantu obanga nabo indawo kwiBafana Bafana. Kwesinye isikhathi uzodlala kwesinye isikhathi uzohlala ebhentshin­i, uMabunda (Tiyani) noKekana (Hlompho) bazodlala. Umehluko wezinga awumkhulu kangako. Ukuqondile lokho. Ungumdlali okahle weChampion­s League. Uma efika uzohlangan­a nomngani wakhe u-Oupa Manyisa kanti sinoKekana noMabunda. Sihlala sisebenzis­a abadlali abane esiswini njengoba sinemidlal­o ethothene.”

NgoLwesibi­li ebusuku uMosimane uqokwe njengomqeq­eshi ovelele wesizini ka-2017/2018 i-Absa Premiershi­p Coach of The Season ehlula uMilutin “Micho” Sredojevic we-Orlando Pirates noFadlu Davids weMaritzbu­rg United. Umcimbi wokuklomel­isa abenze kahle ubuseSandt­on Convention Centre, eGauteng.

Imenenja kaJali, uMike Makaab, itshele Isolezwe ukuthi bazimisele ngokuthi kuphele leli sonto uJali esesithath­ile isinqumo ngekusasa lakhe.

“Akulula njengoba abantu becabanga. Womabili amaqembu aphethe izicelo ezihehayo futhi alwa ngayo yonke indlela ekutheni athole u-Andile ngakho akumele sixhamazel­e. Kumele sisicubung­ule kahle isinqumo esizositha­tha. Ekugcineni asenzeli abantu kodwa ikusasa lika-Andile ngakho ngeke siphuthuny­iswe abantu. Inhloso yethu wukuthi kuphele isonto u-Andile esenekhaya elisha. Okwamanje ubengakasi­thathi isinqumo sokuthi ufuna ukudlalela liphi iqembu kulawa womabili,” kusho uMakaab.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPITSO Mosimane oqeqesha iMamelodi Sundowns ufunga uyagomela ukuthi uzogcina eqenjini lakhe u-Andile jali abambanga neKaizer Chiefs
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPITSO Mosimane oqeqesha iMamelodi Sundowns ufunga uyagomela ukuthi uzogcina eqenjini lakhe u-Andile jali abambanga neKaizer Chiefs
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa