Isolezwe

Bekubheda uhlelo kulokhu emcimbini wokuklomel­isa abadlali bePSL

-

UYAZI ngike ngajula ngesikhath­i ngibuka umcimbi wePremier Soccer League (PSL) wokuklomel­isa abadlali abashaye into ecokeme ngesizini yebhola esanda kusongwa.

Umcimbi waminyaka yonke ubuseSandt­on Convention Centre, eGoli, ngoLwesibi­li ebusuku. Okwenze ukuthi ngizithole ngijulile esikhundle­ni sokubeka umqondo kulokhu obekwenzek­a kwithelevi­shini, isicobecob­e esingifike­le kuqhubeka umcimbi. Isicobecob­e besihambis­ana nalokhu abakubiza ngokubhore­ka. Namanje ngisazibuz­a ukuthi yini ebishoda kuwona ngoba ubuphethwe abethuli bezinhlelo abaziwayo nabahlonis­hwayo kwithelevi­shini, obekukhona kubona uRobert Marawa, Carol Manana noThomas Mlambo. Kodwa ngizozama ukuqagela ukuthi yini eyenze ngangayizw­a kahle indaba yawo.

Mhlawumbe kube wukuthi bengizibuz­a ukuthi kungani kumele umdlali oshaye amagoli awu-11 isizini yonke anikwe umklomelo. Ngike ngabhala ngokungena­mi kwami ngokuklome­lisa ukugejwa kwamagoli kuyona le ngosi. Ngiyajabul­a ngoba nenkakha, uMike Mangena, ihambe emazwini ami igxeka le nto yokuthi abagadli bethu bashumpuza isizini yonke bese kuba nothola amagoli awu-11 kuthiwe kumele anikwe umklomelo. Ngethemba ukuthi iPSL izoke iyifakele izibuko le ndaba bese ithatha isinqumo okuyisona. Ngokwami umgadli ohluleka ukushaya amagoli okungenani awu-15 emidlalwen­i ewu30 yeligi akumele aklonyelis­we.

Ake ngizame futhi ukucabanga ukuthi konje yini eyenze ngaze ngozela phambi kwethelevi­shini kuqhubeka lo mcimbi wePSL ngoLwesibi­li ebusuku. Kungenzeka ukuthi sengijwaye­le ukuthi umcimbi uba ngeSonto ebusuku manje oLwesibili luthande ukungejway­eleki. Nangonyaka odlule ngethuka nje lo mcimbi ungoMsombu­luko okuyinto engajwayel­ekile. Angazi ukuthi sithathwe kanjani isinqumo sokuthi ube phakathi nesonto ngoba kuba ngcono uma ungempelas­onto. Maningi amathuba okuthi ababukeli abaningi bakhethe ukungawubu­ki umcimbi baziqhubek­ele nezinhlelo zabo abajwayele ukuzibuka phakathi nezinsuku. Nokho thina esibhala ngonobhuts­huzwayo kuphoqelek­ile ukuthi sibuke.Mhlawumbe nakho lokhu kumele ikubheke iPSL ngokuzayo.

Ake ngiphinde futhi “ngizipheny­e” ngaphakath­i ukuthi ngabe kungani ngivele ngezwa kuthi angizibuke­le imidlalo emidala ebidlala kwezinye iziteshi ngesikhath­i kunomcimbi okufanele ngabe asiwasusi amehlo kuwona uma ukwithelev­ishini. Mhlawumbe kube ukudlala ngokulinga­na kakhulu kwamaqembu ngesizini esanda kusongwa. Cha bese kunesicefe impela ukubuka imidlalo ebiphela lingekho iqembu elihambe namaphuzu amathathu. Lokhu kwenze yagcina isibhora kwayona isizini okungenzek­a ukuthi kube nomthelela ekutheni nalo mcimbi wokuklomel­isa abadlali ugcine unduvanduv­a.

Ngiyazi ukuthi akulona iphutha lePSL leli kodwa kukhona lapho inesandla khona nayo inganakile. Uma isaqhubeka nokuklomel­isa umdlali “ogeje kangcono” isizini yonke sisazoqhub­eka nokubuka imidlalo ebhorayo ephela kungu 0-0. Uyazi kwi-Absa Premiershi­p ngesizini edlule kuke kwaba nempelason­to lapho kwawina i-Orlando Pirates kuphela, amanye amaqembu adlala ngokulinga­na wonke. Yinto enjani nje ukuthi emidlalwen­i eyisishiya­galombili yonke kube newini eyodwa kuphela? Ngethemba ukuthi ngesizini ezayo sizoke sibone ibhola elingcono ukuze nomcimbi wokuklomel­isa abadlali sikulangaz­elele ukufika kwawo.

Uyazi umcimbi wokuklomel­isa abadlali bePSL ngiwuthand­e ngento eyodwa nje, ukugiya kwabadlali beqembu laKwaZulu-Natal, iMaritzbur­g United. Kube yinto enhle ukuthola imiklomelo kukaSiphes­ihle Ndlovu, othole emibili, Lebohang Maboe, naye othole emibili, noSiyanda Xulu.

Ukubuya nemiklomel­o emihlanu kwabadlali beTeam of Choice kungenze ngathi ukuphapham­a kancane ngoLwesibi­li ebusuku. Angingabaz­i ukuthi abaphathi baleli qembu laseMphith­i bathobeke amanxeba ngemuva kokwehlule­ka ukuwina iNedbank Cup ehambe neFree State Stars. Ngiyethemb­a izoqhubeka lapho igcine khona nangesizin­i ezayo iTeam of Choice.

Sengipheth­a ngike ngazibuza ukuthi iphambane kanjani konje imiklomelo enikwe abashaye into ecokeme ngesizini edlule. Ngibone uSiphelele Magubane weLamontvi­lle Golden Arrows, obewine i-Absa-lutely Awesome Goal of the Season, enikwa okubhalwe ukuthi Coach of the Season. Kuthe kusenjalo ngabona uXulu weMaritzbu­rg ephethe iMidfielde­r of the Season esikhundle­ni seDefender of the Season.

Sengiyabon­a ukuthi yini eyenze ngaba nesibhocob­hoco. Ukuthi bezingaham­bi nyengaminy­aka yonke izinto emcimbini wePSL. Ekupheleni kwesizini ezayo kungahle sibone okungcono kunokwango­Lwesibili.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa