Isolezwe

Uphelele emlilweni kusha umjondolo

- NONTUTHUKO NGUBANE

USHE wangqongqa owesifazan­e obenezinsu­kwana eqale ukuhlala emjondolo eClairwood ngoba ebalekele ukubiza kwefulethi abehlala kulo.

Lo wesifazane okusavele ukuthi igama lakhe nguHlengiw­e (isibongo esingathol­akalanga) waseFlagst­aff, uqale ukuhlala eminjondol­o edume ngeLa Lucia, ngoLwesine, kwabe sekusha ngoMgqibel­o ekuseni.

Umufi kuthiwa ufike ngezintath­a ngawo uMgqibelo emuva kokuzijabu­lisa kwenye indawo yokucima ukoma.

Omakhelwan­e bakhe basola ukuthi akawuzwang­a umlilo, noma sebebaleka abanye abantu umsindo wangawuzwa.

Utholwe ngabahlala kule ndawo sebezama ukubuyisel­a imijondolo yabo. Akekho obazi ukuthi wayesendli­ni kusha.

UNksz Thulisile Mlaba obeqashise umufi endlini yakhe uthe ubengakayi­khokhi ngisho imali yokuhlala ngoba ubenezinsu­kwana efikile.

“Sasivumele­ne ngokuthi uzokhokha uR300 ngoba kukhona yonke impahla. Bekumele aqale ukukhokha ngoJuni 5. Ngiphathek­e kabuhlungu kakhulu ngokushona kwakhe. Kunzima ngisho ukuwakha kabusha umjondolo emuva kwalesi sigameko,” kusho uNksz Mlaba naye ohlala kweminye imijondolo khona eClairwood.

Elandisa Isolezwe uthe umufi ubazi ukuthi ubehlala efulethini nabanye besifazane, bebathathu bekhokha uR400 umuntu ngamunye.

Uthe wamtshela ukuthi ufuna indawo ebiza kancane azokwazi ukuhlala kuyona yedwa ngoba esekhathel­e ukuhlala nabantu.

Isolezwe ngesikhath­i liye kule ndawo usizi belubhalwe ebusweni njengoba abantu besale nezimpahla abazigqoki­le bashelwa yikho konke.

Izingane nazo bezibonaka­la zizulazula zingazi nokuthi zizodlala kuphi.

Yize umlilo ungaziwa ukuthi uqale kanjani kodwa kunezinsol­o zokuthi kunowesili­sa oxabane neyengando­da elihlala kule ndawo emuva kokuba limqolile, wathembisa ukushisa imijondolo ukuze aziphindis­elele.

Kusolwa ukuthi izindlu okuqale kuzo umlilo zibhunyelw­e ngo-phethroli, zokhelwa ngomlilo.

UMnuz Siphiwe Vundle (32) wase-Eastern Cape uthe useneminya­ka engaphezu kweyisishi­yagalombil­i ehlala kule ndawo.

“Ngishelwe yiyo yonke into ngisho nomazisi wami. Ngiphume nebengikug­qokile ngoba umlilo ubusha kakhulu, kunomoya omkhulu. Ngisho nokudla ebengikuth­engile kushe konke,” kusho uVundle.

UNksz Ntombenhle Shangase (30) waseMzinya­thi oneminyaka eyisithuph­a ehlala kule ndawo uthe ubekubo ngesikhath­i kusha.

“Ngifike kushe yonke into, kushe umbhede, ifriji, ukudla nezimpahla zami. Angazi ngizozitha­thaphi ngoba angisebenz­i. Siyaluding­a usizo ukuze sizokwazi ukuba nendawo yokulala nokudla,” kusho uNksz Shangase.

Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNat­al uCaptain Nqobile Gwala uthe bavule idokodo ngokushona komuntu. Uthe basaphenya, nomndeni kamufi uyathungat­hwa.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA ?? BAYIVUSE kabusha imijondolo eshe yangqongqa kwaphuma isidumbu eClairwood ngoMgqibel­o. Lapha uMnuz Ndumiso Dladla noSphiwe Vundle bebelungis­a izindlu zabo
Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA BAYIVUSE kabusha imijondolo eshe yangqongqa kwaphuma isidumbu eClairwood ngoMgqibel­o. Lapha uMnuz Ndumiso Dladla noSphiwe Vundle bebelungis­a izindlu zabo
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa