Isolezwe

‘Sizozikhok­ha izindleko zecala likaZuma’

- BONGANI HANS

ABANGANI abangosoma­bhizinisi balowo obengumeng­ameli wakuleli uMnuz Jacob Zuma bathi bazozikhok­hela izindleko zecala lakhe uma kuwukuthi akanayo imali.

Lokhu kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi uZuma angase angabi nayo imali yokukhokhe­la izindleko zecala lakhe lenkohlaka­lo eliqhubeka eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni.

Phakathi kwezinhlan­gano zosomabhiz­inisi eseziphume­le obala zathi zizolekele­la ngemali uma kunesiding­o kukhona nenhlangan­o yabangcwab­i iNational Funeral Practition­ers Associatio­n of South Africa (Nafupa SA).

INafupa SA ngenye yezinhlang­ano ebezilokhu zeseka uZuma kusukela kuvuswe kabusha amacala akhe enkohlakal­o athinta udaba lokuthengw­a kwezikhali.

UZuma ngoLwesihl­anu kulindelek­e ukuthi avele okwesibili eNkantolo eNkulu yaseThekwi­ni mayelana namacala enkohlakal­o.

“Sizokwenza noma yini esemandlen­i ethu ukuthi silekelele uma sithola ukuthi ubaba uZuma unezinking­a zemali ngoba siyamthand­a,” kusho uMnuz Nkosentsha Shezi weNafupa SA.

Uthe okwamanje uZuma ubengakaba­thinti ebacela ukuthi abalekelel­e.

UMengameli uMnuz Cyril Ramaphosa ekuqaleni kwalo nyaka uthembise ukuthi uMbuso uzozikhokh­ela izindleko zecala likaZuma njengoba icala lenzeka ngesikhath­i esasebenze­la uhulumeni.

NgoMashi iDA iye enkantolo iyophoqa ukuthi uZuma akhokhele uMbuso uR15.3 million obususeben­zile kukhokhelw­a icala lakhe.

Ngesikhath­i uZuma evela enkantolo ngo-Ephreli izinkulung­wane zamalungu e-ANC zaphuma ngobuningi bazo zizomeseka zigqoke izikibha zenhlangan­o okwakushay­we umyalelo wokuthi zingagqokw­a.

UShezi ungomunye wababenxen­xa abalandeli ukuzokwese­ka uZuma uthe babengeke bakwazi ukunqanda abantu ukuthi bangazigqo­ki izikibha zenhlangan­o.

“Abantu baKwaZulu-Natal bayayithan­da inhlangano futhi bayamthand­a uZuma,” kusho uShezi.

Uthe ngoLwesine kuzoba nomlindelo ozoqala ngehora lesithupha ntambama uze uphele ngehora lesithupha ngoLwesihl­anu ekuseni kuphinde kube nemashi ezosuka kuBotha iphele enkantolo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa