Ubuvila kabusizi, indlala izoqedwa ukukhuthala
MHLELI: Abantu bafile yindlala kodwa ukudla bahlezi phezu kwakho. Mkhulu umehluko ongenziwa wukulima nje kukodwa ukuqeda indlala.
Emakhaya kunodedangendlale bamasimu angalinywa bekhona abantu bengasebenzi.
Uma ulima ummbila, amathanga, nemifino evumayo emakhaya uphinde ufuye izinkukhu, izimbuzi nokunye, ngempela yini engakwenza uthenge impuphu esitolo.
Ngeke uwathenge amaqanda nenyama uma ufuyile futhi ulimile. Kuyamangaza ukubona indoda iqhuba isaka lempuphu elithengwe ngemali yempesheni kodwa kukhona amasimu ekhaya. Kodwa vele wubani ongalima ngoba amadoda avuka ekuseni ayoncika ngezinsika zovulandi esitolo acele opondo kwabaqhamukayo.
Uma sonke singalima ngeke kube khona nale nkinga yokudliwa komhlaba. Udliwa nje yingoba abantu abawusebenzisi. Ngiyazi sekwabhekwa uhulumeni ukuthi kube wuye owenzela abantu izinto. Kulungile-ke uma kunjalo kodwa nani mhlangabezeni phela kube khona okuthile enikwenzayo.
Ukuba kuya ngami ngabe kuba yicala ukutholakala kwensimu yomuntu iqintile ehlobo kunemvula engaka. Namakhosi nawo angalibamba iqhaza ngokuthi aqinisekise ukuthi ezindaweni aziphethe kulinyiwe. Nala madoda ahlala emathaveni ekuseni kuze kuyoshona ilanga engenamali enjalo nje awathathe leso sikhathi asisebenzise emasimini alime. Ubuvila ngeke busize ngalutho kodwa ukukhuthala kuyoyiqeda nya indlala. Phaphamani nayi ne VAT ihleli emahlombe. Mbongiseni Dlamini