Isolezwe

Ubuvila kabusizi, indlala izoqedwa ukukhuthal­a

-

MHLELI: Abantu bafile yindlala kodwa ukudla bahlezi phezu kwakho. Mkhulu umehluko ongenziwa wukulima nje kukodwa ukuqeda indlala.

Emakhaya kunodedang­endlale bamasimu angalinywa bekhona abantu bengaseben­zi.

Uma ulima ummbila, amathanga, nemifino evumayo emakhaya uphinde ufuye izinkukhu, izimbuzi nokunye, ngempela yini engakwenza uthenge impuphu esitolo.

Ngeke uwathenge amaqanda nenyama uma ufuyile futhi ulimile. Kuyamangaz­a ukubona indoda iqhuba isaka lempuphu elithengwe ngemali yempesheni kodwa kukhona amasimu ekhaya. Kodwa vele wubani ongalima ngoba amadoda avuka ekuseni ayoncika ngezinsika zovulandi esitolo acele opondo kwabaqhamu­kayo.

Uma sonke singalima ngeke kube khona nale nkinga yokudliwa komhlaba. Udliwa nje yingoba abantu abawuseben­zisi. Ngiyazi sekwabhekw­a uhulumeni ukuthi kube wuye owenzela abantu izinto. Kulungile-ke uma kunjalo kodwa nani mhlangabez­eni phela kube khona okuthile enikwenzay­o.

Ukuba kuya ngami ngabe kuba yicala ukutholaka­la kwensimu yomuntu iqintile ehlobo kunemvula engaka. Namakhosi nawo angalibamb­a iqhaza ngokuthi aqinisekis­e ukuthi ezindaweni aziphethe kulinyiwe. Nala madoda ahlala emathaveni ekuseni kuze kuyoshona ilanga engenamali enjalo nje awathathe leso sikhathi asisebenzi­se emasimini alime. Ubuvila ngeke busize ngalutho kodwa ukukhuthal­a kuyoyiqeda nya indlala. Phaphamani nayi ne VAT ihleli emahlombe. Mbongiseni Dlamini

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa