Isolezwe

Uzobuya ekhulelwe umethuli we-Our Perfect Wedding

- NOKUBONGWA PHENYANE

UKHUZA ibuya umethuli wohlelo i-Our Perfect Wedding uKayise Ngqula othuse abaningi ehlaba ikhefu esanda kuqashwa.

Ubuya nje, sekuvele izindaba zokuthi uzithwele.

UKayise owaqala ukubonakal­a kulolu hlelo kulo nyaka, ubhale enkundleni yokuxhuman­a u-Instagram eveza injabulo yakhe ngokuqala aqophe futhi.

Muva nje lolu hlelo belubanjwe nguNomsa Buthelezi, onogazi kwabaningi njengoba ehlala ebamba uma kukhona ongekho kulona.

UKayise uthe uyabuya futhi usekulinde­le ngabomvu ukwenza into ayithanday­o.

“Ngibuyela nina. Umuntu kumele enze into ayithanday­o ngaso sonke isikhathi ukuze ajabule,” kubhala uKayise.

NoNomsa ubhalile kuyona inkundla efanayo la eveze khona ukuthi ube nesikhathi esimnandi eqopha lolu hlelo.

“Njengoba sekusondel­a isikhathi sokuthi kubonakale isiqephu sokugcina sami kulolu hlelo ngithanda ukubonga wonke umuntu nozakwethu engihlala ngehla ngenyuka nabo siqopha,” kubhala uNomsa.

Iningi likhale ngokuthi ngabe uNomsa usehlala unomphela kulolu hlelo abe ngumethuli walo.

UBongiwe Potelwa-Metsing, okhulumela iMzansi Magic ukuqinisek­isile ukuthi uKayise uyabuya ngoJulayi.

“Uyabuya uKayise njengoba eseqalile ukuqopha iziqephu zakhe ezintsha kulolu hlelo,” kusho uBongiwe.

Ebuzwa ukuthi ngabe uKayise usebelethi­le yini njengoba esebuya uthe, uqopha khona ekhulelwe.

“Usekude ukubeletha ngakho usazoqhube­ka asebenze,” kusho uBongiwe.

 ?? Isithombe: SIGCINIWE Isithombe: INSTAGRAM ?? UZOLWETHUL­A ekhulelwe uhlelo i-OPW uKayise Ngqula obesanyama­lele isikhashan­a kulo nozobuya ngoJulayi AKUCACI ngekusasa likaSello Maake kaNcube kwiThe Wathathwa enoConnie Ferguson ongumphath­i womdlalo
Isithombe: SIGCINIWE Isithombe: INSTAGRAM UZOLWETHUL­A ekhulelwe uhlelo i-OPW uKayise Ngqula obesanyama­lele isikhashan­a kulo nozobuya ngoJulayi AKUCACI ngekusasa likaSello Maake kaNcube kwiThe Wathathwa enoConnie Ferguson ongumphath­i womdlalo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa