Kuzoguga iphakethe kunyuka uphethroli futhi
BAZONGENA bagamanxe emaphaketheni abagibeli bamatekisi nabashayeli bezimoto ngenxa yokunyuka kukaphethroli. Izinhlangano eziphethe ososeshini bamatekisi zimemezele ukuthi izonyuka imali yokugibela kusukela ngoJulayi 2. Uphethroli ukhuphuke ngo-82 cents, udizili wona wanyuka ngo-85 cents kanti kubikwa ukuthi kulindeleke ukuthi uphinde unyuke ezinyangeni ezizayo.
Inhlangano yamatekisi, iSouth African National Taxi Council (Santaco), izolo iqinisekise ukuthi izonyuka imali yokugibela kusukela ngenyanga ezayo.
“Njengenhlalayenza minyaka yonke imali yokugibela izonyuka ngenyanga ezayo. Ukuthi kulokhu kuvele kwenzeka ukuthi uphethroli unyuke ngale ndlela ngaphambi kokuthi sinqume ngalokhu nokuzochaza ukuthi ngenxa yesimo kungenzeka imali inyuke ngenani elingaphezulu kukaR1 kwezinye izindawo,” kusho uMnuz Sfiso Shangase oyimenenja ehhovisi leSantaco KwaZuluNatal.
Uqhube wathi ukunyuka kwemali yokugibela kuzokwehluka ngokwezindawo kwazise kukhona amatekisi ahamba amabanga amade. Uthe njengenhlangano bakhathezekile ngokunyuka kukaphethroli ngoba kuba nomthelela omubi kubagibeli, abanye babo abagcina sebephoqeleka ukuthi bahambe ngezinyawo noma bathole ezinye izindlela zokuhamba.
UMgcinimafa kasoseshini wamatekisi ahambela izindawo ezisenyakatho neTheku uMnuz Bongani Gasela uthe sebevele banqumile bona ukuthi ngeke beqe kuR1. “Ngenxa yokuthi siyasiqonda isimo esizobhekana nabagibeli, sithathe isinqumo sokuthi amatekisi ethu azonyuka ngo R1 kuphela,” kusho uGasela ekhulumela ososeshini bamatekisi ahambela uMhlanga, La lucia neDurban North. Ukunyuka kukaphethroli kuleli kushiye abaningi benemibuzo kwazise bekunenhlansi yethemba lokuthi kungase kuguquke. Isazi sezomnotho uSolwazi uBonke Dumisa sithe ingqikithi yokunyuka kukaphethroli ilele emandleni erandi.
“Ngasekupheleni kuka-Ephreli iRandi belihlezi kuR12 uma liqhathaniswa neDollar laseMelika. NgoMeyi iRandi lilahlekelwe amandla lagcina selidlule lagamanxa kuR12 nokungezinye zezinto eziba nomthelela kwinani likaphethroli kuleli kwazise siwuthenga ngamaDollar.” kusho uDumisa.
Uqhube wathi ukunyuka kwenani lomphongolo kawoyela lisuka ko $68 ngoEphreli laze lafinyelela ku $79 ngoMeyi nakho kube nomthelela omkhulu ekunyukeni kukaphethroli kule nyanga. UDumisa uthe uma iRandi lingase liqine ezinyangeni ezintathu ezizayo kungenzeka uphethroli wehle kodwa amathuba alokho njengamanje abukeka emancane kakhulu.
Uqhube waveza ukuthi abantu balindele ukuthi kunyuke namanani okudla ezitolo.
Okhulumela inhlangano yabasebenzi iCosatu kuzwelonke, uMnuz Sizwe Pamla, uthe uhulumeni kuzomele ulusukumele lolu daba ngoba seluphenduke inhlekelele ebhekene nezwe.
“Ukunyuka kukaphethroli kuzoba yinkinga kakhulu ngoba kamuva nje kusanda kunyuka iVAT ngokunjalo neFuel Levy. Njengamanje ucwaningo luveza ukuthi abasebenzi bachitha u-15% womholo wabo kuphethroli noma kwezokuthutha ngenyanga. Ukuya emsebenzini sekuzobiza kakhulu kanti lokho kuzoba nomthelela omubi njengoba kuzonciphisa imali ebisetshenziselwa ezinye izinto njengokudla emakhaya,” usho kanje.
UPamla unxuse uhulumeni ukuthi ungenelele nasodabeni lokunyuka kwemali yokugibela amatekisi namabhasi.