Isolezwe

Kweqe osolwa ngokubulal­a

- INTATHELI YESOLEZWE

UHLALELE ovalweni umphakathi waKwaNongo­ma esigodini kwaLubomvu, kwaDabhasi ngemuva kokweqa esibhedlel­a KwaCeza, kowesilisa obeboshelw­e icala lokudlweng­ula, ukuthumba nokubulala umfundi kaGrade 11 kule ndawo.

UThuleleni Zwane (18), obengumfun­di eNkowane High, watholwa elenga esihlahlen­i ngoLwesine olwedlule ngemuva kokuthi umsolwa efike ngoLwesith­athu ebusuku kubo wazomthath­a wanyamalal­a naye.

Kuthe uma umndeni uhlaba umkhosi ngalolu daba kwatholaka­la isidumbu sikaNksz Zwane silenga esihlahlen­i futhi kunezinkom­ba zokuthi udlwenguli­we. Ilungu lomphakath­i, uMnuz Welcome Ntombela ebeliyingx­enye yezakhamiz­i ezigasele esiteshini samaphoyis­a KwaNongoma, ngemuva kokweqa kukamsolwa lithe bayesaba manje ukuthi yini angayenza njengoba kungaziwa ukuthi weqe washonaphi. “Kubuhlungu ngale nto esehlele ngoba lo mlisa akulona icala lakhe lokuqala leli kodwa kukhona namanye amantombaz­ane amane, enye yawo eneminyaka engu-14. Okubi wukuthi nale ngane yakwaZwane athinteka esigamekwe­ni sayo, ayikangcwa­tshwa kodwa bekusahlel­wa ukuba ifihwe ngoMgqibel­o lona esiya kuwo. Ngikhuluma nje umndeni nomphakath­i bebelindel­e ukuba lo muntu avele enkantolo ngoMsombul­uko odlule. Kunalokho kuthunyelw­e incwadi kadokotela ebithi akasezi enkantolo kodwa usesibhedl­ela KwaCeza ngoba uyagula. Kusenjalo sezwa sekuthiwa weqile esibhedlel­a ntambama ngehora lesikhombi­sa ngawo uMsombuluk­o,” kusho uNtombela.

Ngisho izinduna zithukuthe­le ziyaveva njengoba nazo kuthiwa ziphelezel­e umphakathi nomndeni ziyobuza ngokweqa komsolwa.

Ikhansela lendawo ku-ward 10, uMnuz Jacob Nsele lithe isimo asisihle ngoba umphakathi wonke uthukile ngokunyama­lala komlisa.

“Wonke umuntu uyesaba ngoba lo msolwa uyingozi kakhulu. Ngikhuluma nje ngisho amaphoyisa agcine esecela abanye asebadlwen­gulile ukuba bavuselele amacala abo, ngesikhath­i umphakathi ugasele esiteshini. Thina singubuhol­i kusiphatha kabi ukuthi uma siqala inyanga yentsha bese kuba nezigameko ezibuhlung­u kanje. Okunye okubi wukuthi lo mndeni oshonelwe awunalutho yikho sizolekele­la,” kusho uNsele.

Uthe inkonzo yesikhumbu­zo izoba namhlanje eNzobo Primary bese umngcwabo uba ngoMgqibel­o kwaZwane. UNsele uthe bazoqala umkhankaso endaweni wokuqwashi­sa ngobugeben­gu nangezigam­eko zokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane.

Izolo, amalungu omndeni abengekho ekhaya ngesikhath­i Isolezwe lifika, abephuthum­e eMpangeni lapho isidumbu siyohlolwa khona.

Amaphoyisa aKwaNongom­a atshele umphakathi ukuthi anenkinga yokuthi awanazo izindawo zokugcina iziboshwa.

Iziboshwa aziyisa KwaHlabisa noma KwaCeza. Okhulumela amaphoyisa KwaZulu Natal, uLt Colonel Thulani Zwane uthe amaphoyisa asephume inqina athungatha umsolwa. Uthe abambonayo bathinte amaphoyisa ku 08600 10111.

 ??  ??
 ??  ?? UTHULELENI ZWANE obulewe
UTHULELENI ZWANE obulewe
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa