UDube-Ncube uyazihlangula ezinsolweni
SEKUVELE izinsolo ezishaqisayo ngosomabhizinisi odumile, uMnuz Sibusiso Ncube ongumyeni kaNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube okuthiwa uyazitamuzela amathenda emikhandlwini yesifundazwe engaphansi komnyango kankosikazi wakhe.
Esithangamini nabezindaba eThekwini izolo, iDA iveze ubufakazi obukhombisa ukuthi inkampani yezokuxhumana kaNcube, iBrand Partners ithole umsebenzi kuMasipala waseNkandla nowaseMthonjaneni “njengemvalamlomo” kugqitshwa ukuthi izimenenja zale mikhandlu kwakungamele ziqashwe ngoba zingawulungele umsebenzi.
Kuvela ukuthi umkhandlu waseNkandla wanika iBrand Partners ithenda kaR7.5 million womsebenzi wezokuxhumana wenkontileka yeminyaka emithathu.
NaseMthonjaneni le nkampani kaNcube kuvela ukuthi ithola imisebenzi ehlukene yathola izigidi zemali.
I-DA isabalalise ubufakazi bokuqokwa kwale nkampani kaNcube nobufakazi lapho kade ikhokhelwa imali.
Ngokusho komholi weDA esifundazweni, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe ukuqashwa kwemenenja yaseNkandla neyaseMthonjaneni kwakungafanele kodwa uNkk Dube-Ncube akazange azithathe izinyathelo ngoba umyeni wakhe ehlomula kule mikhandlu.
“Sesibhalele uNdunankulu wesifundazwe uMnuz Willies Mchunu sinxusa ukuthi amise ngokushesha uNkk Dube-Ncube ngemuva kokuvela kwalezi zinsolo,” kusho uMncwango.
“Simnika izinsuku eziyisikhombisa uMchunu ukuthi amise uNkk Dube-Ncube, sifuna amise nalezi zimenenja kuze kuphothulwe uphenyo ngazo,” kusho uMncwango.
Uthe uMchunu kumele akhombise ukuthi wayeqinisile ukuthi uzimisele ngokulwa nenkohlakalo ngokumisa uNkk Dube-Ncube.
Ephendula ukuthi akanalo yini uvalo ngokuthi kungenzeka athuliswe ngokuphenya ngezinsolo zenkohlakalo njengoba naseThekwini kade kunguye obephenya izikhulu zakhona, uMncwango uthe uncamela ukufa wathi ngeke athule ebona abantu benza inkohlakalo.
Eziphendulela uNkk Dube-Ncube uthe lezi zinsolo zeDA ngomyeni wakhe ezifaka naye zingamampunge. “Besingazimisele ngokuphendula le mbudane yeDA kodwa ngenxa yokuthi izinsolo zizoya emphakathini sibone kunesidingo sokuthi umphakathi siwuvikele ukuze ungadukiswa.”
Uthe uyakuqaphela ukuthi njalo uma kuzoba khona ingqungquthela ye-ANC kuba nemizamo yokungcolisa igama lakhe. “Ezinye zezinto okukhulunywa ngazo lapha sezike zavela phambilini zihlale njalo zenziwa into entsha yiDA nalabo abayiphushayo,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uthe kuyamkhathaza ukuthi igama lakhe nelomnyango lifakwe emabhizinisi omyeni wakhe ongusomabhizinisi ohlonishwayo. “Le nto yenziwa ngamabomu ukuze kudwetshwe isithombe emphakathini sokuthi imina owenza ukuthi athole imisebenzi kalula kwabanye omasipala.”
Uthe akazibukeli phansi lezi zinsolo wathi kumele ziphenywe.
“Iyangikhathaza indaba yokuthi ngilokhu ngimataniswa namabhizinisi omyeni wami, lokhu ngikubuka njengemizamo yezepolitiki ebhekiswe kimina,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Uthe umyeni wakhe uqale ukusebenza nemikhandlu ngesikhathi yena esayinxusa eCzech Republic, engazi ukuthi uyoke abe ngungqongqoshe.
“Ukukhombisa ukuthi le nto eshiwo yiDA ingamanga udaba lokuqashwa kwemenenja yoMkhandlu waseMthonjaneni neyaseNkandla sengilufake enkantolo ngifuna kuchithwe ngoba ukuqashwa kwalezi zikhulu bekungahambisani nomthetho uSection 54A(7) ka-2000, wokusebenza komasipala,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Isolezwe lithole ukuthi miningi imikhandlu iningi layo edonsa kanzima okuvela ukuthi inezinkontileka neBrand Partners iyenzela umsebenzi wezokuxhumana nokukhangisa.
IMeya yaseMthonjaneni, uMnuz Mbangiseni Biyela ithe izimenenja ziqashwa imikhandlu bese zibikela umnyango.
“Thina salandela lonke uhlelo sawubikela nomnyango ngokuqashwa kwemenja wangaphendula kwaze kwaphela izinsuku ezingu-14, sabona ukuthi akunankinga yaqala yasebenza,” kusho uBiyela.
Uthe akathandi ukukhuluma ngezindaba zenkontileka ephakathi komkhandlu wakhe neBrand Partners ngoba yena akangeni ezindabeni zamathenda.
IMeya yaseNkandla, uMnuz Thami Ntuli ithe balandela lonke uhlelo ngesikhathi beqasha imenenja bawubikela nomnyango wangasho lutho baqhubeka nokuyiqasha.
“Kumina ukuthi ngubani othola umsebenzi akubalulekile engikubheka kakhulu ukuthi lowo muntu umsebenzi usuke ewuthole ngendlela efanele yini,” kusho uNtuli.
Okhulumela uNdunankulu uMnuz Thami Ngidi, uthe uMchunu uzozibheka lezi zinsolo bese ephendula ngendlela efanele.