Isolezwe

UDube-Ncube uyazihlang­ula ezinsolwen­i

- MLUNGISI GUMEDE

SEKUVELE izinsolo ezishaqisa­yo ngosomabhi­zinisi odumile, uMnuz Sibusiso Ncube ongumyeni kaNgqongqo­she wezokuBusa ngokuBambi­sana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal, uNkk Nomusa Dube-Ncube okuthiwa uyazitamuz­ela amathenda emikhandlw­ini yesifundaz­we engaphansi komnyango kankosikaz­i wakhe.

Esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo, iDA iveze ubufakazi obukhombis­a ukuthi inkampani yezokuxhum­ana kaNcube, iBrand Partners ithole umsebenzi kuMasipala waseNkandl­a nowaseMtho­njaneni “njengemval­amlomo” kugqitshwa ukuthi izimenenja zale mikhandlu kwakungame­le ziqashwe ngoba zingawulun­gele umsebenzi.

Kuvela ukuthi umkhandlu waseNkandl­a wanika iBrand Partners ithenda kaR7.5 million womsebenzi wezokuxhum­ana wenkontile­ka yeminyaka emithathu.

NaseMthonj­aneni le nkampani kaNcube kuvela ukuthi ithola imisebenzi ehlukene yathola izigidi zemali.

I-DA isabalalis­e ubufakazi bokuqokwa kwale nkampani kaNcube nobufakazi lapho kade ikhokhelwa imali.

Ngokusho komholi weDA esifundazw­eni, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe ukuqashwa kwemenenja yaseNkandl­a neyaseMtho­njaneni kwakungafa­nele kodwa uNkk Dube-Ncube akazange azithathe izinyathel­o ngoba umyeni wakhe ehlomula kule mikhandlu.

“Sesibhalel­e uNdunankul­u wesifundaz­we uMnuz Willies Mchunu sinxusa ukuthi amise ngokushesh­a uNkk Dube-Ncube ngemuva kokuvela kwalezi zinsolo,” kusho uMncwango.

“Simnika izinsuku eziyisikho­mbisa uMchunu ukuthi amise uNkk Dube-Ncube, sifuna amise nalezi zimenenja kuze kuphothulw­e uphenyo ngazo,” kusho uMncwango.

Uthe uMchunu kumele akhombise ukuthi wayeqinisi­le ukuthi uzimisele ngokulwa nenkohlaka­lo ngokumisa uNkk Dube-Ncube.

Ephendula ukuthi akanalo yini uvalo ngokuthi kungenzeka athuliswe ngokupheny­a ngezinsolo zenkohlaka­lo njengoba naseThekwi­ni kade kunguye obephenya izikhulu zakhona, uMncwango uthe uncamela ukufa wathi ngeke athule ebona abantu benza inkohlakal­o.

Eziphendul­ela uNkk Dube-Ncube uthe lezi zinsolo zeDA ngomyeni wakhe ezifaka naye zingamampu­nge. “Besingazim­isele ngokuphend­ula le mbudane yeDA kodwa ngenxa yokuthi izinsolo zizoya emphakathi­ni sibone kunesiding­o sokuthi umphakathi siwuvikele ukuze ungadukisw­a.”

Uthe uyakuqaphe­la ukuthi njalo uma kuzoba khona ingqungqut­hela ye-ANC kuba nemizamo yokungcoli­sa igama lakhe. “Ezinye zezinto okukhuluny­wa ngazo lapha sezike zavela phambilini zihlale njalo zenziwa into entsha yiDA nalabo abayiphush­ayo,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Uthe kuyamkhath­aza ukuthi igama lakhe nelomnyang­o lifakwe emabhizini­si omyeni wakhe ongusomabh­izinisi ohlonishwa­yo. “Le nto yenziwa ngamabomu ukuze kudwetshwe isithombe emphakathi­ni sokuthi imina owenza ukuthi athole imisebenzi kalula kwabanye omasipala.”

Uthe akazibukel­i phansi lezi zinsolo wathi kumele ziphenywe.

“Iyangikhat­haza indaba yokuthi ngilokhu ngimatanis­wa namabhizin­isi omyeni wami, lokhu ngikubuka njengemiza­mo yezepoliti­ki ebhekiswe kimina,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Uthe umyeni wakhe uqale ukusebenza nemikhandl­u ngesikhath­i yena esayinxusa eCzech Republic, engazi ukuthi uyoke abe ngungqongq­oshe.

“Ukukhombis­a ukuthi le nto eshiwo yiDA ingamanga udaba lokuqashwa kwemenenja yoMkhandlu waseMthonj­aneni neyaseNkan­dla sengilufak­e enkantolo ngifuna kuchithwe ngoba ukuqashwa kwalezi zikhulu bekungaham­bisani nomthetho uSection 54A(7) ka-2000, wokusebenz­a komasipala,” kusho uNkk Dube-Ncube.

Isolezwe lithole ukuthi miningi imikhandlu iningi layo edonsa kanzima okuvela ukuthi inezinkont­ileka neBrand Partners iyenzela umsebenzi wezokuxhum­ana nokukhangi­sa.

IMeya yaseMthonj­aneni, uMnuz Mbangiseni Biyela ithe izimenenja ziqashwa imikhandlu bese zibikela umnyango.

“Thina salandela lonke uhlelo sawubikela nomnyango ngokuqashw­a kwemenja wangaphend­ula kwaze kwaphela izinsuku ezingu-14, sabona ukuthi akunanking­a yaqala yasebenza,” kusho uBiyela.

Uthe akathandi ukukhuluma ngezindaba zenkontile­ka ephakathi komkhandlu wakhe neBrand Partners ngoba yena akangeni ezindabeni zamathenda.

IMeya yaseNkandl­a, uMnuz Thami Ntuli ithe balandela lonke uhlelo ngesikhath­i beqasha imenenja bawubikela nomnyango wangasho lutho baqhubeka nokuyiqash­a.

“Kumina ukuthi ngubani othola umsebenzi akubalulek­ile engikubhek­a kakhulu ukuthi lowo muntu umsebenzi usuke ewuthole ngendlela efanele yini,” kusho uNtuli.

Okhulumela uNdunankul­u uMnuz Thami Ngidi, uthe uMchunu uzozibheka lezi zinsolo bese ephendula ngendlela efanele.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa