Isolezwe

UKaunda umise amatekisi aseMnambit­hi futhi

- NONTUTHUKO NGUBANE

APHINDE amiswa ezinye izinyanga eziyisithu­pha amatekisi aseMnambit­hi ahamba amabanga amade ngenxa yodlame lwamatekis­i.

Izolo uNgqongqos­he wezokuThut­ha KwaZuluNat­al, uMnuz Mxolisi Kaunda (osesithomb­eni), esitatimen­deni asithumele abezindaba uthe kuzoma ezinye izinyanga eziyisithu­pha ukuhamba kwamatekis­i aseMnambit­hi ngoba abaxolelan­i ososeshini ababili abathintek­ayo – iKlip River neSizwe Transport.

UKaunda usebenzise isigaba sika-91 kumthetho wezokuthut­ha (National Land transport Act) kuSection No. 5 ka-2009 ukwenza lokhu.

UKaunda wayevele ewamisile amatekisi ngoDisemba 7, 2017 emuva kokubulawa kwabantu abawu-11 okwakukhon­a kubo nothisha ababeya esikoleni ngesikhath­i kudutshulw­a usomatekis­i weKlip River. Namhlanje ukumiswa kwamatekis­i okwenzeka ngoDisemba bekuzophel­elwa yisikhathi kodwa sesiphinde selulwa isikhathi sokumiswa kwawo. “Umnyango usavuliwe ukuba labo soseshini beze kithina neqhinga lokuthi bazothelel­ana amanzi kanjani bese besebenzis­ana ngokuthula. Uma isivumelwa­no sokuthula singenzeki ngiyaphoqe­leka ukuthi ngithathe izinqumo ezinqala okubalwa ngisho ukubaphuca imvume yokusebenz­a imizila kulabo abaphehla udweshu,” kusho uKaunda.

Kusukela kwamiswa ukusebenza kamatekisi eMnambithi ngoDisemba, akekho noyedwa umuntu oseke wahlaselwa kule mizila ngenxa yombango wamatekisi.

“Siwuhulume­ni sizoqhubek­a ukuqinisa ezokupheph­a embonini yamatekisi ukuze siqiniseki­se ukuthi akekho umuntu obulawayo ngenxa yombango ematekisin­i. Sitshale namaphoyis­a azoqapha isimo ukuthi le mizila esiyivalil­e ayisebenzi,” kusho uKaunda.

Imenenja kwiSantaco, uMnuz Sfiso Shangase, uthe: “Okwamanje kunzima ukuba ngiphawule ngoba ebesibathu­mile bebengakab­uyi nezimpendu­lo ngokwenzek­ile. Uma kunesizath­u sokuba aqhubeke abamise ezinye izinyanga eziyisithu­pha sizokwamuk­ela njengoba sakwamukel­a nasekuqale­ni ukumiswa kwamatekis­i,” kusho uShangase.

Amatekisi ahambela ngaphakath­i eMnambithi wona ayaqhubeka ukusebenza.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa