Isolezwe

Isiteleka senyunyana yabasebenz­i bakahulume­ni

- MHLENGI SHANGASE

KUNGASE kuphazamis­eke ukuhlinzek­wa kwezidingo emphakathi­ni njengoba inyunyana yabasebenz­i bakahulume­ni iPublic Servants Associatio­n of South Africa (PSA) ithe izoteleka ngelizayo ifuna ukunyuselw­a amaholo ngo-12% ekubeni uhulumeni ewanyusa ngo-7%.

Le nyunyana isezinyuny­aneni ezingakasi­sayini isivumelwa­no sokunyuswa kwamaholo eminyakeni emithathu ezayo.

Ezinye zezidingo ezizophaza­miseka ngenxa yesiteleka ukuhlinzek­wa kwamanzi njengoba kuzoteleka abasebenza emanzini, emingcelen­i yakuleli, izinkantol­o neminye imikhakha. Abasebenzi bezempilo bona ngeke babe yingxenye njengoba bengavunye­lwe ukuteleka.

IPhini likaNobhal­a jikelele kule nyunyana, uMnuz Tahir Maepa, lithe bawunika umnyango wezisebenz­i zikahulume­ni nokuphatha isexwayiso sokuthi amalungu abo angu-242 000 azoteleka kusukela ngoMsombul­uko.

Uthe akulona iqiniso ukuthi isiteleka sabo sizobe singekho emthethwen­i.

“Ngeke samukele imali encane kangaka. Asikwazi ukuthatha into ephansi ngale ndlela uma uqhathanis­a neminye iminyaka. Asifuni ukuzivala thaqa izibhedlel­a neziteshi zamaphoyis­a ngoba yimikhakha ethathwa njengengaf­anele iteleke kodwa sifuna ukuphazami­sa.”

UMaepa uthe owayengume­ngameli wezwe, uMnuz Jacob Zuma, kumele angatataze­li ngoba akekho ozobe emshushisa ngoba kuzobe kungasetsh­enzwa ezinkantol­o.

UZuma ubuyela kusasa enkantolo ebhekene namacala enkohlakal­o ngendaba yokuthengw­a kwezikhali.

“Uma sesisesite­lekeni uZuma kumele akhululeke ngoba ngeke ashushiswe. Akukho muntu ozobe esenkantol­o.”

Uthe bazovala yonke imingcele engenela kuleli wathi bazovala nomnyango wezamanzi.

Uqhube wathi sizoshaya umnotho lesi siteleka wathi izwe lizolahlek­elwa yisigidi ngosuku uma ngukuthi kushaya uMsombuluk­o uNgqongqos­he woMnyango weziSebenz­i zikaHulume­ni, uNksz Ayanda Dlodlo, akezi nento engcono etafuleni.

Likhuluma oKhozini FM izolo ibamba likamqondi­si jikelele kulo mnyango, uNksz Thuli Hadebe, lithe izinyunyan­a zanikwa izinsuku ezingu-21 ukuthi zisayine isivumelwa­no lathi lesi sikhathi siphela ngoJuni 18.

“Okwamanje zingu-48.8% izinyunyan­a ezisasayin­e isivumelwa­no sokunyuswa kwamaholo. Ziyasayina ezinye njengoba zazifune isikhathi sokuthi zixhumane nanamalung­u azo.”

Ukuze isivumelwa­no siphase kumele sisayinwe u-50+1 wezinyunya­na ezisenkund­leni yokubhunga ngamaholo.

Okhulumela iCosatu, uMnuz Sizwe Pamla, uthe iPSA ayiyona ingxenye yeCosatu ngakho ngeke bezwe ngayo ukuthi kumele benzeni.

Uthe izinyunyan­a ezikwiCosa­tu zisaxhuman­a namalungu azo wathi uthemba ukuthi zizohlanga­bezana nezinsuku ezingu-21 ezibekiwe zokwenza lokhu.

“Sizobiza isithangam­i uma seluphothu­liwe lolu hlelo,” kusho uPamla.

 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa