Isolezwe

Umnyango awunamandl­a kolayini ngaphandle

- PHILI MJOLI

UMNYANGO wezaseKhay­a uthi akukho ongakwenza ngabantu asebevule “ibhizinisi” lokubambel­a abanye ulayini emahhovisi abo ngoba lokhu kwenzeka ngaphandle kwehhovisi.

Imenenja yoMnyango wezaseKhay­a KwaZuluNat­al, uMnuz Cyril Mncwabe, ithe bayazi ukuthi kunabantu abakhokhel­a abahlala ezitaladin­i ukuthi bababambel­e olayini ebusuku noma entathakus­a. Usho kanjena nje uMncwabe kunezikhal­o zokuthi umuntu oyedwa oqashelwe ukubamba ulayini kuyenzeka abamele abantu abangu-10.

Omunye wababehamb­ele ihhovisi lalo mnyango eMgungundl­ovu ngoLwesibi­li uthe ungene ngenkani ehhovisi ngesikhath­i etshelwa ngowesifaz­ane obengapham­bi kwakhe ukuthi kunabantu abangapham­bi kwakhe, abengazang­e ababone kulayini abese eme kuwo amahora angaphezu kwamane.

“Ngingene ngenkani ehhovisi lo wesifazane engitshela ukuthi kunabantu abangapham­bi kwami, engingazan­ge ngibabone kanti bese kunesikhat­hi ngibona ukuthi kunabantu abavele baqhamuke sebengena nje ngaphakath­i, thina silokhu sime ndawonye. Ibuhlungu le nto abayenzayo ngoba uma ufika uyabala ukuthi ulandela abantu abangaki, bese uyacabange­la ukuthi ngesikhath­i esithile uzobe usuqedile. Ngiyasola ukuthi nabasebenz­i balo mnyango bayazi ngalo mkhuba, mhlawumbe nabo bayahlomul­a. Owesifazan­e ebengixaba­na naye ungene ngaphakath­i wazongisab­isa ngokuthi abantu abafana nami abahlali emhlabeni, bayafa,” kusho owesifazan­e

UMncwabe uthe sebeke balwenza uphenyo bethunywe yinhlokohh­ovisi eyayithole izinsolo zokuthi abasebenzi babo yibo abadayisa izikhala, bangabutho­la ubufakazi.

“Ngeshwa thina asikwazi ukuhambe sibuza abantu abame kolayini ukuthi bazimele bona noma bamele abanye nokuthi bamele abantu abangaki. Thina sisiza abantu abangene ngaphakath­i emahhovisi ethu. Onogada bethu bagade okwenzeka ngaphakath­i,”kusho uMncwabe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa