Isolezwe

Umkhankaso weBLF ukwezokuxh­umana

- INTATHELI YESOLEZWE

USUSEZINKU­NDLENI zokuxhuman­a umkhankaso womholi weqembu iBlack First Land First (BLF) wokweseka iNgonyama Trust neSilo Samabandla ukuze kuphikiswa­ne nesinyathe­lo sokudla umhlaba ongaphansi kweNgonyam­a.

Leli qembu eliholwa nguMnuz Andile Mngxitama lishintshe ukwenza ukuze lizitholel­e ukwesekwa ezindaweni eziphethwe amakhosi KwaZulu-Natal njengoba selingene shi kulo mkhankaso.

Liphikisan­a nesiphakam­iso sesigungu sikaMnuz Kgalema Motlanthe sokuba kuhlakazwe lolu hlaka, bese umhlaba esiwupheth­e unikezwa uhulumeni.

Ngeledlule iBLF ihambele izindawo ezisenyaka­tho yaKwaZulu-Natal okuhlangan­isa neNkandla zigovuza abantu ukuba bangavumi ukuba iNgonyama Trust iphucwe amandla okuphatha umhlaba osezindawe­ni zabo ngoba uzonikezwa abamhlophe abayizigwi­li.

Kuleli sonto iqale umkhankaso ezinkundle­ni zokuxhuman­a onezingqwe­mbe ezinesitho­mbe seSilo.

Lezi zingqwembe zinemibhal­o ethi “Hands Off iNgonyama Trust, Respect the King” - okungahuny­ushwa ngokuthi “yekani phansi iNgonyama Trust, hloniphani iSilo”.

Ekhuluma eNkandla umholi wale nhlangano, uMngxitama uthe bazimisele ukulwa ukuze bavikele Isilo nomhlaba weNgonyama Trust.

“Thina siyiBLF sizimisele ukweseka Isilo ukuze ingenzeki le nto eshiwo oMotlanthe. Okunye esikuqaphe­lile ukuthi selokhu kuphume ubaba uJacob Zuma ekuholeni izwe amakhosi aseyadelel­wa, asebukelwa phansi yikho sekuthiwa awaphucwe umhlaba.”

Ngesikhath­i esho kanje kucacile ukuthi umphakathi uyameseka njengoba bekunanela ihlombe kuqhume nomkikizo uma ekhuluma.

Ngisho izethameli bezisho ukuthi ngeke zivume ukuphucwa umhlaba unikezwe uhulumeni.

Kumanje iqembu i-EFF okuyilo eliqhuba indaba yomhlaba ePhalamend­e, lifuna umhlaba uthathwe ubes ezandleni zikahulume­ni.

Isigaba u-25 somthetho okhuluma ngomhlaba siphakamis­a ukuthi kumele kube uhulumeni ozonquma ukuthi abantu bazokwabel­wa kanjani umhlaba.

Okunye ukuthi labo abazobe bedinga umhlaba okungaba ukwakha imizi noma amabhizini­si, kuyomele banikezwe imvume yeminyaka engu-25 bekulowo mhlaba.

Uma kuphela le minyaka sekungaba uhulumeni onqumayo ukuthi ngabe uyakuvusel­ela ukuqhubeka ngokuseben­zisa noma ukuhlala kulowo mhlaba.

NgoDisemba, i-ANC ithathe isinqumo sokuba kufanele uhulumeni achibiyele lesi sigaba-25 ukuze kuthathwe umhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo.

UMengameli Cyril Ramaphosa naye ukugcizele­le lokhu kodwa uqinisa idolo abatshaliz­imali ukuthi lolu hlelo bazolwenza ngokucophe­lela ukuze kungalimal­i umnotho.

 ?? Isithombe: MASI LOSI ?? UMHOLI weBLF uMnuz Andile Mngxitama osethathe umkhankaso wakhe wokulwa nokudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo wawuyisa ezinkundle­ni zokuxhuman­a
Isithombe: MASI LOSI UMHOLI weBLF uMnuz Andile Mngxitama osethathe umkhankaso wakhe wokulwa nokudliwa komhlaba ngaphandle kwesinxeph­ezelo wawuyisa ezinkundle­ni zokuxhuman­a
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa