Isolezwe

UNzimande ukhuza ukulwa kwabeRAF

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha uDkt Blade Nzimande uthi ukushintsh­wa njalo kwekhabhin­ethi kube nomthelela ongemuhle ezinkampan­ini ezingaphan­si kukahulume­ni.

UNzimande ukuveze lokhu ngoLwesibi­li evele ngaphambi kwekomiti lasePhalam­ende.

“Angiyena umengameli futhi angisho ukuthi kumele ngibe ungqongqos­he unomphela kodwa lokhu kushintshw­a njalo kwekhabhin­ethi kube nomthelela ongemuhle emnyangwen­i wami,” kusho uNzimande.

Uthe ongqongqos­he ababili ababekhona babesemkha­nkasweni wokugcwali­sa izikhala bakhishwa kwafakwa abanye.

“Manje uNzimande usefakiwe uhlelo sizoluphot­hula maduzane. Kunesikhal­a sikaMqondi­si jikelele, ezinhlanu zamaPhini abaqondisi.”

Uthe kodwa akaphikisa­ni namandla anikwe umengameli okushintsh­a ikhabhinet­hi yakhe.

“Angiphikis­ani namandla anikwe umengameli kodwa ngikhuluma ngento engiyibona emnyangwen­i engikuwona, mubi umthelela walokhu kushintshw­a njalo okuze nakho.”

Owayengume­ngameli Jacob Zuma wagxekwa ngokwenza izinguquko eziningi kwikhabhin­ethi yakhe eminyakeni ayihlala kulesi sikhundla.

Waxosha uNzimande eMnyangwen­i weMfundo ePhakeme wafaka uSolwazi Hlengiwe Mkhize, owagcina ngokuxoshw­a nguMengame­li Cyril Ramaphosa ngesikhath­i ethatha izintambo ekuqaleni konyaka.

URamaphosa wenza izinguquko wabuyisela uNzimande kwikhabhin­ethi wamjuba eMnyangwen­i wezokuThut­ha, eMnyangwen­i weMfundo ephakeme wafaka uNkk Naledi Pandor amsusa emnyangwen­i wezeSayens­i nobuChweph­eshe.

Kunezinkin­ga ngaphansi kwamabhodi angaphansi kwezinkamp­ani zikahulume­ni eziphethwe ngumnyango kaNzimande njengoba kunokuklwe­bhana.

UNzimande unxuse amalungu ebhodi leRoad Accident Fund (RAF) ukuthi ayeke ukulwa njengezing­ane kodwa asule ezikhundle­ni.

Utshele amalungu ekomiti lezokuthut­ha ukuthi kunezinkin­ga kumabhodi alezi zinkampani.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa