UNzimande ukhuza ukulwa kwabeRAF
UNGQONGQOSHE wezokuThutha uDkt Blade Nzimande uthi ukushintshwa njalo kwekhabhinethi kube nomthelela ongemuhle ezinkampanini ezingaphansi kukahulumeni.
UNzimande ukuveze lokhu ngoLwesibili evele ngaphambi kwekomiti lasePhalamende.
“Angiyena umengameli futhi angisho ukuthi kumele ngibe ungqongqoshe unomphela kodwa lokhu kushintshwa njalo kwekhabhinethi kube nomthelela ongemuhle emnyangweni wami,” kusho uNzimande.
Uthe ongqongqoshe ababili ababekhona babesemkhankasweni wokugcwalisa izikhala bakhishwa kwafakwa abanye.
“Manje uNzimande usefakiwe uhlelo sizoluphothula maduzane. Kunesikhala sikaMqondisi jikelele, ezinhlanu zamaPhini abaqondisi.”
Uthe kodwa akaphikisani namandla anikwe umengameli okushintsha ikhabhinethi yakhe.
“Angiphikisani namandla anikwe umengameli kodwa ngikhuluma ngento engiyibona emnyangweni engikuwona, mubi umthelela walokhu kushintshwa njalo okuze nakho.”
Owayengumengameli Jacob Zuma wagxekwa ngokwenza izinguquko eziningi kwikhabhinethi yakhe eminyakeni ayihlala kulesi sikhundla.
Waxosha uNzimande eMnyangweni weMfundo ePhakeme wafaka uSolwazi Hlengiwe Mkhize, owagcina ngokuxoshwa nguMengameli Cyril Ramaphosa ngesikhathi ethatha izintambo ekuqaleni konyaka.
URamaphosa wenza izinguquko wabuyisela uNzimande kwikhabhinethi wamjuba eMnyangweni wezokuThutha, eMnyangweni weMfundo ephakeme wafaka uNkk Naledi Pandor amsusa emnyangweni wezeSayensi nobuChwepheshe.
Kunezinkinga ngaphansi kwamabhodi angaphansi kwezinkampani zikahulumeni eziphethwe ngumnyango kaNzimande njengoba kunokuklwebhana.
UNzimande unxuse amalungu ebhodi leRoad Accident Fund (RAF) ukuthi ayeke ukulwa njengezingane kodwa asule ezikhundleni.
Utshele amalungu ekomiti lezokuthutha ukuthi kunezinkinga kumabhodi alezi zinkampani.