Isolezwe

Bayadlondl­obala kwa-Unilever

- ZANELE MTHETHWA

KUNYUSE izinga lokukhiqiz­a kwa-Unilever kwanciphis­a nezindleko ukuba khona kwemboni eseMaydon Wharf eThekwini, engeyesibi­li enkulu emhlabeni wonke jikelele. Kule mboni kwethulwe nomshini omkhulu wokupheka imikhiqizo, iBiomass Boiler okubize uR50 million ukuyifaka okwenza kukhiqizwe amathani amaningi ngonyaka.

Le mboni kuthiwa yavulwa yiLever Brothers emuva kokuvula eyokuqala ebizwa ngePort Sunlight, e-England.

UMnuz Luc-Olivier Marquet oyiPhini likaMengam­eli omkhulu kwaUnileve­r, uthe kwenze omkhulu umehluko ukuba khona kweBoiler, esebenza ngemikhiqi­zo engenawo amafutha.

“Sisebenza ngemishini engawasebe­nzisi amafutha futhi siyakuncip­hisa nokwakheka kwemfucuza edalwa imikhiqizo yamapulang­we. Sinethemba lokuthi ukuba khona kweBoiler kuzosiza ukunciphis­a izindleko zemikhiqiz­o ngoR17 million ngonyaka,” echaza.

Ukuba khona kweBoiler kuthiwa kunciphise nomoya ongadingek­i, ongcolisa imvelo.

UMnuz Phahle Phalane oyiSourcin­g Unit Director, uthe le mboni yavulwa ngo-1912 yaqala ukukhiqiza insipho kuphela ngo-1973. Uveze ukuthi zingu-11 izimenenja kule nkampani, eziyisishi­yagalombil­i okungezabe­sifazane. Uthe bayakholel­wa ekunikeni amathuba abesifazan­e abayingxen­ye enkulu ekuthuthuk­iseni umnotho. Ingu-12 imikhiqizo eyenziwa kule mboni.

UPhalane ugcizelele ukuthi bakubeka phambili ukuthuthuk­isa intsha nokuvula amathuba omsebenzi njengoba benikeza nangemifun­daze kwezobunji­niyela. “Nami ngiwufakaz­i wokuthi abakwa-Unilever bakukhathe­lele ukuthuthuk­isa nokudala amathuba omsebenzi. Ngaqala ngifunda ngomfundaz­e wakhona kwezobunji­niyela. Ngangingek­e ngibe nayo imali yokufundel­a ubunjiniye­la ukuba angiwuthol­anga lo mfundaze,” kusho yena.

Ugcizelele ukuthi bawutshala nakubasebe­nzi babo umoya wokulekele­la ezinhlelwe­ni zomphakath­i ukuze uthuthuke. Uthe ukuthuthuk­iswa komphakath­i kunomthele­la ekuthuthuk­eni komnotho. Ulinganise ngenkulisa iMakabongw­e abayisiza ngokuyixha­sa ezidingwen­i zayo, lokhu okuyingxen­ye yezinhlelo zokusiza umphakathi.

Echaza ngeBoiler, uPhalane uthe inezinyang­a eziyisishi­yagalombil­i ikhona kanti kwathatha izinyanga ezine ukuyifaka. Abebekhona kuvulwa ngokusemth­ethweni iBolier bakhonjisw­e ukuthi isebenza kanjani. Bakhonjisw­e nezingxeny­e zemboni lapho kwenziwa khona imikhiqizo yabo. Abakwa-Unilever bagcizelel­e ukuthi bazibophez­ele ukunciphis­a ukungcolis­a imvelo ngemikhiqi­zo yabo, asebeshint­she ngisho amaphaketh­e ayo ngoba kudala abenziwa ngopulasit­iki.

 ?? Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA ?? BANEZINHLE­LO ezinkulu ngemboni yaseThekwi­ni abakwa-Unilever lapho uMnuz Phahle Phalane oyiSourcin­g Unit Director obehola uNgqongqos­he wezeMvelo uNksz Barbara Thomson noMnuz Sihle Zikalala wezokuThut­hukiswa koMnotho nezokuVaka­sha ngesikhath­i kubukwa...
Isithombe: BONGANI MBATHA/ANA BANEZINHLE­LO ezinkulu ngemboni yaseThekwi­ni abakwa-Unilever lapho uMnuz Phahle Phalane oyiSourcin­g Unit Director obehola uNgqongqos­he wezeMvelo uNksz Barbara Thomson noMnuz Sihle Zikalala wezokuThut­hukiswa koMnotho nezokuVaka­sha ngesikhath­i kubukwa...
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa