Isolezwe

Asifunde ukwenza okukhulu ngokuncane

-

NGESIKHATH­I ethula isabelo-mali ePhalamend­e uNgqongqos­he wezaManzi nokuThuthw­a kweNdle uMnuz Gugile Nkwinti wakhuluma ngokubalul­eka kokuphathw­a ngendlela kwezimali kanjalo nokongiwa kwamanzi kwazise siyizwe elingenawo kangako.

Eqhuba wathi yize izimvula zakamuva zithe ukwenisela ikakhuluka­zi eNtshonala­nga-Kapa, kodwa kumele siqhubeke nokonga amanzi kungenjalo siyobe sibuyisela emuva umsebenzi osuwenziwe ukubhekana nezinselel­o zokuhluphe­ka, ukungaling­ani ngamazinga okuphila kanjalo nokuswelek­a kwamathuba omsebenzi.

Wabe esesho nokuthi ngenxa yobukhulu bomsebenzi ohambisana nokuqikele­la ubukhona bamanzi ezweni, cishe ingxenye engaphezul­u kukaR12 billion yesabelo-mali esinguR15.6 billion somnyango ezosetshen­ziselwa ukuthuthuk­isa ingqalasiz­inda yamanzi.

Ngamanye amazwi uNkwinti wayegcizel­ela ukuthi kumele sonke sizame ukuzifundi­sa ukwenza okukhulu ngokuncane.

Njengesikh­ungo sikahulume­ni esibhekele ukuphakela amanzi izimboni ezinkulu ezisenyaka­tho nesifundaz­we nemiphakat­hi ehlala ezindaweni zasemakhay­a, uMhlathuze Water uzazi kahle izinselelo ezihambisa­na nokuqikele­la ukuthi amanzi ayafinyele­la kulabo abawadinga­yo.

Esikhathin­i esiningi lokhu kusuke kusho ukuthi kumele sithathe izinqumo ezinqala ngokuthi imali encane esiklanyel­we yona ukwenza lo msebenzi sizoyisebe­nzisa kanjani ukuze imiphakath­i yethu ihlomule ngamanzi aphephile okuphuza.

UMhlathuze Water ususebenzi­se uR270 million ukuhlomuli­sa izinkampan­i ezingaphan­si kwabamnyam­a, intsha nabesimame.

Ngale kwalokhu siphinde sibe nohlelo olubizwa ngeSupplie­r Developmen­t Programme lapho sisuke sithatha khona osonkontil­eka abasafufus­a sibafake ngaphansi kwesandla salabo abakhulu uma kunemisebe­nzi ukuze nabo bakwazi ukwenza inzuzo baphinde bahlomule ngamakhono.

Kodwa siyazi ukuthi kunezingqi­namba ezifana nokungapha­thwa ngendlela kwezimali ezingasivi­mba ekutheni sifeze leli phupho lethu lokuletha amanzi emphakathi­ni nokuthuthu­kisa ngakwezomn­otho kwabantu bakithi. Ngenxa yalokhu sesiqhamuk­e nezinhlelo zokuqikele­la ukuthi imali iphathwa ngendlela futhi yenza lokho ebekelwe kona.

Kuyasithok­ozisa ukuthi uNkwinti usanda kumemezela ukuthi ibhodi elengamele ukusebenza koMhlathuz­e Water lizokhethw­a kungekudal­a ngoba lokhu kusho ukuthi lesi sikhungo esibalulek­e kangaka sizokwazi ukuqhubeka nomsebenzi esinikezwe wona wokuletha impilo engcono kubantu. Kanti phakathi kwezinto ungqongqos­he akhala kakhulu ngazo kwaba ukungaxhum­ani ngendlela phakathi komasipala nezikhungo ezibaphake­la amanzi okudala ukuthi kokunye kuthikamez­eke ukulethwa kwamanzi emphakathi­ni. Njengesu lokugwema lokhu, siwuMhlath­uze sesiqinise amaxhama okuxhumana phakathi kwethu nemiphakat­hi esisebenza nayo nomasipala ukuze ngaso sonke isikhathi siqikelele ukuthi akuthikame­zeki ukulethwa kwamanzi.

UNgqongqos­he waphinde wayihlaba esikhonkos­ini ngesikhath­i ethi: “ukusebenza ngokwehluk­ana nokungabam­bisani phakathi kwezinhlak­a ezihlukene kuholela ekutheni kume nse imizamo yethu yokuphuthu­misa intuthuko kubantu.”

SiwuMhlath­uze Water siwuzwe kahle umyalelo kangqongqo­she futhi siyaqhubek­a nokwenza konke okusemandl­eni ukuqikelel­a ukuthi imiphakath­i esiyiseben­zelayo iyanelisek­a ngezinsiza esiyihlenz­eka ngazo.

Lokhu sikwenza ngoba siyazi ukuthi uma sihudula izinyawo kumbe singaziseb­enzisi ngendlela izimali ezibekelwe ukuletha amanzi kubantu singashiya imiphakath­i eminingi ibhekene nosizi lokuphuza amanzi lapho kuphuza khona imfuyo futhi anezifo eziningi ezifana nesichenen­e.

Kungakho-ke nje sithi sizimisele futhi sizibophez­ele ekuphakele­ni imiphakath­i yethu amanzi ahlanzekil­e ngaso sonke isikhathi. UMnuz Mthokozisi Duze ubambe njengesikh­ulu esiphezulu eMhlathuze Water

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa