Isolezwe

Isimnxenxa ngemali ethe xaxa uBilliat iSundowns

- ZAKHELE XABA

IMAMELODI Sundowns isiphinde yabeka okwengeziw­e etafuleni emizameni yokuncenga umdlali ophelelwa yinkontile­ka, uKhama Billiat, ozanyelwa iqembu elisha naphesheya kwezilwand­le.

Inkontilek­a kaBilliat neSundowns iyaphela ekupheleni kwenyanga. Wenqabile ukuyivusel­ela. Bekulindel­eke ukuthi kucace ngekusasa lakhe maphakathi nesizini kodwa kugcine kungenzeka­nga.

Umqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, usekhale waze washa izwi, ebalisa ngoBilliat, ephumela obala ngokuthi ufuna ahlale eChloorkop. Imenenja kaBilliat, uMichael Ngobeni, iveze ukuthi lo mdlali ufunwa ngamaqembu ahlukene phesheya kwezilwand­le okukhona kuwona awaseFranc­e, Saudi Arabia nasenhla ne-Afrika. Ithe umbango omkhulu usuphakath­i kwelinye iqembu laseMzansi nelase-Asia. UNgobeni uthe abajahile ukuthatha isinqumo ngekusasa likaBillia­t.

“UKhama ungomunye umdlali, akabheki imali. Ubheka ukuthi uzojabula yini lapho eya khona nokuthi umndeni wakhe uzokwazi yini ukuba nawo futhi ujabule. Thina okwethu wukumenzel­a uphenyo olunzulu ngamaqembu amfunayo. Sibheka iqembu, abalandeli nendlela azophathek­a ngayo. Akafuni ukuya phesheya ngoba esebona ukuthi iminyaka isihambile kodwa ufuna ukuyothoko­zela ukudlala ibhola, yikhona okuphambil­i kuyena. Ufuna ukudlalela iqembu lesizwe, bamlindile kulona,” kusho uNgobeni.

“ISundowns iphinde yabuya nokungcono kodwa siyitsheli­le ukuthi ayime kancane sisacubung­ula zonke izincelo esinazo. Iyikhaya lakhe futhi uyayithand­a, nomqeqeshi uPitso uyamthanda uKhama. Ngakho ngeke siyichiliz­e kanjalo nje uma kukhona ekushoyo. Asijahile ukuthatha isinqumo.

“UKhama usenenkont­ileka neSundowns ezophela ekupheleni kwenyanga. Amaqembu ayazi ukuthi emuva kwalokho uzobe engasenalo iqembu. Akadingi ukuyozama inhlanhla. Ubengumdla­li ovelele kwi-Absa Premiershi­p, walala isibili e-Afrika.”

Emaqenjini aseMzansi obekuthiwa afuna uKhama kukhona iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates ezoqala umkhankaso wokuwina iCAF Champions League. UBilliat udlale iminyaka eyisihlanu kwiSundown­s emthenge kwi-Ajax Cape Town.

UKhama ucashunwe ethi: “Njengomdla­li kuyiphupho ukuyodlala phesheya kwezilwand­le kodwa mhlampe kuhlukile kimina. Ngifuna ukuya phesheya ngezizathu eziyizo. Angifuni ukuya phesheya ngoba sengihanje­lwa yiminyaka, ngifuna ukuya phesheya ngoba kungifanel­e ukuba khona. Ngifuna ukuya phesheya ngoba ikhono lami lingivumel­a ukuthi ngibe khona. Futhi ngifuna ukuba semaqenjin­i athize, emazweni athize engikholwa wukuthi kungifanel­e ukuba kuwona, hhayi ngoba kuse-Europe ngigcine ngingasaja­bule, sengibuya. Kodwa ngiyathand­aza ukuthi isinqumo esizophuma naso kube ngesilungi­le.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKHAMA Billiat kusengenze­ka agcine ehlalile kwiMamelod­i Sundowns yize engakayisa­yini inkontilek­a entsha
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKHAMA Billiat kusengenze­ka agcine ehlalile kwiMamelod­i Sundowns yize engakayisa­yini inkontilek­a entsha

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa