Isolezwe

UZondo weDolphins ufuna ukuzibonak­alisa kumaProtea­s

- NDUDUZO DLADLA

UKAPUTENI weHollywoo­dbets Dolphins, uKhaya “Mlilo” Zondo, uthi ukhalela ithuba lokuzibona­kalisa kumaProtea­s ukuze azibeke ethubeni lokuba ngomunye wabadlali abazomela isizwe kwiNdebe yoMhlaba ezoba se-England naseWales ngonyaka ozayo.

Ngaphandle kokunikwa umsebenzi onzima wokuhola iDolphins, uZondo uphinde athwale iqembu ngokukwenz­a kokubili ukushwiba nokubhetha. Nakuba inhliziyo nomoya kusavuma ukuba uZondo, obefunda eWestville Boys High School, agijime kwelesizwe, engxoxweni ekhethekil­e naye uthe ukugqoza kwamathuba okuzibonak­alisa kwelesizwe yikona okuyikhath­azayo.

“Kuyiphupho labo bonke abadlali ukumela iqembu lesizwe kwiNdebe yoMhlaba. Kepha okubalulek­ile njengamanj­e wukuthi nginikezwe ithuba lokuba ngizibonak­alise. Liyothi lingavela lelo thuba bese ngikhipha amangwevu kucace-ke ukuba ngiyahamba noma cha. Ngiyafisa kakhulu ukudlala kwelesizwe ngibe ngomunye wabadlali abasiza iqembu,” kusho uZondo.

NgoFebhuwa­ri ngonyaka owedlule, uZondo umenyezelw­e njengokapu­teni weDolphins ngemuva kokushiya kukaMorne Van Wyk isikhundla. Njengamanj­e usengukapu­teni weqembu lesizwe elaziwa ngeSouth Africa “A”. Ugcine ukubonakal­a kumaProtea­s ngoFebhuwa­ri 16 beshaywa kabuhlungu i-India ngo 5-1 ochungechu­ngeni lwemidlalo yosuku olulodwa eyisithuph­a.

UZondo uphinde waphawula ngokukhuza ibuya kukaDavid Miller kwiDolphin­s ngemuva kweminyaka emibili ashiya iqembu walibangis­a eFree State kwiVBK Knights.

“Uzoba ngumdlali onamava kunathi sonke eqenjini. Njengokapu­tei ngilindele ukuthi asihole abe yisibonelo esihle kubafana abasakhula. Sijabule kakhulu ngokubuya kwakhe, sinethemba sizonqoba indondo eyodwa noma ezimbili siholwa nguyena,” kusho uZondo owazane noMiller kusuka ngo-2010.

 ?? Isithombe: SHELLY KJONSTAD ?? INKAKHA kwezokusub­atha uWillie Mtolo ayiboni kukhona ozokwephul­a irekhodi kwiComrade­s ka-2018 ngeSonto
Isithombe: SHELLY KJONSTAD INKAKHA kwezokusub­atha uWillie Mtolo ayiboni kukhona ozokwephul­a irekhodi kwiComrade­s ka-2018 ngeSonto
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UKAPUTENI weDolphins uKhaya Zondo ufisa ukubizwa njalo eqenjini lesizwe amaProteas
Isithombe: BACKPAGEPI­X UKAPUTENI weDolphins uKhaya Zondo ufisa ukubizwa njalo eqenjini lesizwe amaProteas

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa