Isolezwe

UWillie akamboni ongaphula irekhodi

- LUNGILE MAJOKA

KUNGABA yinto ethathwa njengomlin­go uma kuba khona umgijimi ophula irekhodi kwiComrade­s Marathon yalo nyaka ezophelela eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UWillie Mtolo oyinkakha yezokusuba­tha amabanga amade, uthe kumele sikhohlwe wukuthi kukhona amarekhodi azokwephuk­a kulokhu kulo mjaho ongeSonto ozobe usuka eMgungundl­ovu ngo-5.30 ekuseni.

Irekhodi elehlayo leComrades kwabesilis­a lagcina libekwe uDavid Gatebe ngo-2016 enza u-5:18:19. Ngalowo nyaka umjaho ubuphela eKingsmead Cricket Stadium. Kwabesifaz­ane kusami elikaFrith van Der Merwe elingu-5:54:43 alibeka ngo-1989.

Kulokhu ibanga leComrades selingu-90.184km lisuka ku-89.208km.

“Angiboni kulo nyaka kuzokwenze­ka. Ngokwami uma begijime u-5:35 noma u-5:40 bazobe benze kahle ngenxa yebanga abazobe beligijima. Phela abantu into abangayiqo­ndi wukuthi ukusuka nje eKingsmead kukodwa, uya eMabhida kuyibanga cishe elingu-2km. Yize kuyindawo eqondile kodwa uma ukulesi simo abazobe bekusona kuyafana nokuthi ukhuphuka umango. Ngibona ukuthi kula makhilomit­ha okugcina yilapho singabona khona kushintsha izindawo,” kusho uMtolo.

UMtolo, owazifaka emabhukwin­i omlando enqoba iNew York Marathon ngo-1992, usamile ekuthiphen­i uBongmusa Mthembu ukuthi avikele isicoco asinqobe nyakenye.

UMthembu ubenqoba isicoco sakhe sesibili seComrades. Wayedle ubhedu ngo-2014. Uma engakuphin­da lokho uzobe eseqophe omunye umlando eba ngowokuqal­a omnyama wakuleli ukudla izicoco ezintathu.

“Uma ngibheka indlela agijime ngayo kwiTwo Oceans ingikhombi­sile ukuthi usesimeni esihle. Ububona ukuthi akawakhiph­ile wonke amangwevu kodwa washaya isikhathi esihle.”

Kulezi zinsuku uMthembu akatholaka­li ocingweni lwakhe. Kuvele ukuthi uzifihlile ezintabeni zokhahlamb­a (e-Underberg) lapho enza khona amalungise­lelo okugcina.

“Ngike ngakhuluma nomqeqeshi wakhe (uXolani Mabhida) ushilo ukuthi benzela ukuthi angaphazam­iseki. Uthe yena usesimeni esihle kakhulu akakhali ngalutho. Sebeshayel­a isipikili sokugcina,” kusho uMtolo.

Ngaphandle kukaMthemb­u uthe umbhekile noGatebe ngenxa yakho ukuthi wakhombisa ukuthi unalo ijubane uma kwehliwa.

“Yize ngibasho laba kodwa ke ngiyazi ukuthi ngosuku lomjaho kungenzeka noma yini. Akufanele simangale uma sekuqhamuk­a umgijimi obenganaki­we njengoba kwenza yena uGatebe ngesikhath­i enqoba. Okunye kwesinye isikhathi uma wonke amehlo ebheke wena uzithola usunengcin­dezi,” kusho uMtolo.

Uphethe ngokuthi kusazothat­ha isikhathi ukuthi kube nomgijimi omnyama wesifazane onqobayo.

“IComrades idinga ukuthi uyeke konke ukuze uzinikele kuyona. Kuba nzima komama ukuthi bashiye amakhaya nemisebenz­e baye emakhempin­i beyozilung­iselela. Badinga ukuthi besekwe kakhulu ukuze kufinyelel­e kulelo zinga,” kusho uMtolo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa