Sekubanga abathathu koweChiefs
NJENGOBA sekusondele usuku lwangoJuni 15 olwalubalulwe yiKaizer Chiefs ukuthi kungase kushaye lona isinaye umqeqeshi omusha, kubonakala sengathi kuzoya ngokwamagama enkehli.
Izolo kusabalale izindaba zokuthi iChiefs isihlunge yaze yafinyelela kubaqeqeshi abathathu kwizindimbane zezicelo zokuqeqesha ebezifakwe abaqeqeshi abehlukene abaqhamuka emazweni ehlukene emhlabeni jikelele.
Isolezwe selinawo amagama alaba baqeqeshi abathathu asebesele okuzokhethwa kubona oyedwa ozohola Amakhosi ngesizini ezayo. Leli phephandaba lingakuqinisekisa ukuthi igama lomqeqeshi weFree State Stars uLuc Eymael alikho kula magama.
U-Eymael uyena obethwelwe ngeqoma ukuthatha lesi sikhundla, kepha kubonakala sengathi kukhona lapho kuphambane khona njengoba indaba yakhe neChiefs isivele yaphelela emoyeni.
Ngokuthola kweSolezwe amagama abaqeqeshi asebesele abathathu ngelikaAvram Grant, oke wacija iChelsea, Portsmouth neWest Ham United okungamaqembu ase-England neqembu lesizwe laseGhana. Owesibili uDoctor Khumalo, oshiye kukubi kwiChiefs ngezinsolo zokuthi ubengabhekani noSteve Komphela. Naye uKomphela usule sekukubi kuleli qembu ngemuva kokukhishwa yiFree State kwiNedbank Cup. Umqeqeshi wesithathu kwezokhetha kubona iChiefs owase-England uMick McCarthy, oke wacija amaqembu ahlonishwayo kuleliya lizwe, okubalwa kuwona iSunderland, Wolverhampton ne-Ipswich Town. Lo mqeqeshi uke wayibamba naseqenjini lesizwe iRepublic of Ireland.
Ngokuthola kweSolezwe, uMcCarthy uyena ofunwa kakhulu yiChiefs, kepha kuyavela nokuthi udaba lwemali engagculisi yilona olwenza lo mqeqeshi abe manqika ukusayina naMakhosi.
UVina Maphosa ophethe ezokuxhumana kwiChiefs kulukhuni satshe ukumthola kulezi zinsuku njengoba ekhala ngokuthi uphuma engena emihlanganweni.
Ngesikhathi leli phephandaba limbuza ukuthi ngabe uKhumalo, McCarthy noGrant bakhona yini emagameni alabo abafake izicelo zomsebenzi uthe: “Sizoxhumana uma sesenza isimemezelo maduze nje. Ngeke siwaveze amagama abaqeqeshi kodwa siyomemezela igama elilodwa lomqeqeshi okunguyena ozophumelela ukuthola umsebenzi.”
Ebuzwa ukuthi uzomenyezelwa nini umqeqeshi omusha uphendule wathi: “Uma nje sesiqede konke mayelana nezingxoxo eziqhubekayo.”
IChiefs kumele icacise maduze ngomqeqeshi ngoba kuzodingeka ibuyele emsebenzini ungakapheli uJuni.