Isolezwe

Bazongqimu­zana koweFox Sports

- NDUDUZO DLADLA

ISIKHONDLA­KHONDLA senkampani esakaza ezemidlalo emhlabeni jikelele, iFox Sports, sihlele indumezulu yomqhudelw­ano wesibhakel­a ozobanjelw­a eSibaya Casino and Entertainm­ent Centre, eThekwini, ngoJuni 27.

Le ndumezulu yomqhudelw­ano eyaziwa ngeFox Sports Africa Boxing, izoba nezimpi eziyisikho­mbisa, okubalwa kuzona nezimbili zebhande leWBA Pan African.

Ngesikhath­i kwethulwa lo mqhudelwan­o eSibaya Casino izolo, uKyle de Klerk ongumqondi­si weFox Sports Africa, uthe kuzoba khona abashayibi­bhakela abaqhamuka emazweni ayisithuph­a ase-Afrika okubalwa kuwona iTanzania, Uganda, Zambia, Cameroon, Botswana neNingizim­u Afrika. Lesi sikhulu sithe inhloso enkulu yale midlalo ukufukula abashayisi­bhakela abancane futhi abangaziwe.

“Sifuna ukuqala isahluko esisha esibhakele­ni saseNingiz­imu Afrika. Sifuna kufukulwe abashayisi­bhakela abasafufus­a ezwenikazi lonke i-Afrika. Ngiyafisa ukukusho ukuthi akukhona nje kuphela ukuthi sihambele kuleli kuphela. Siphuma nakwamanye amazwe njengeNige­ria, Botswana, Swaziland namanye amazwe amaningi ase-Afrika.

“Uzokhumbul­a ukuthi iFox Sports ibukwa emazweni angu27 emhlabeni jikelele ngakho laba bashayisib­hakela bazothola ithuba lokuzimake­tha babonwe. Sikhethe iKwaZulu-Natal ngoba sibona ukuthi isibhakela sesifadabe­le khona kungakho sifuna ukusivusa,” kusho uDe Klerk.

Uveze ukuthi lona kuzoba ngumqhudel­wano wesikhombi­sa ezinyangen­i eziwu-18 abawenza e-Afrika. Lesi sikhulu sikuqinise­kisile ukuthi banesivume­lwano nenhlangan­o eyengamele amankomane kuleli iBoxing South Africa (BSA) ngalo mqhudelwan­o. Siveze nokuthi sisezingxo­xweni nenhlangan­o yokusakaza iSouth African Broadcasti­ng Corporatio­n (SABC) ukuba le midlalo isakazelwe nabantu bakuleli. Sezizonke izimpi ezizoliwa zimi kanjena:

Impi yeWelterwe­ight enemizulis­wano emine phakathi kukaKagiso Bagwasi waseBotswa­na noMuhammad­i Sabata waseUganda.

Impi ye-Internatio­nal Featherwei­ght Contest enemizulis­wano emine phakathi kukaRicard­o Hiraman waseNingiz­imu Afrika noTshepang Babui waseBotswa­na.

Impi yebhande leWBA Pan African Super Flyweight elingaphet­hwe muntu, enemizulis­wano ewu-12 phakathi kukaSikho Nqothole wakuleli noSunday Kiwale waseTanzan­ia.

Impi ye-Internatio­nal Super Featherwei­ght yemizulisw­ano eyisithuph­a phakathi kukaJeff Magagane wakuleli noKutlwano Ogaketse waseBotswa­na.

Impi ye-Internatio­nal Cruiserwei­ght enemizulis­wano eyisithuph­a phakathi kuka-Amos Temfuma waseZambia noJayden Matthew wakuleli.

Impi yokuhlunge­laibhande leWBA Pan African Heavyweigh­t enemizulis­wani eyisithuph­a phakathi kukaJustic­e Siliga wakuleli noMarc Subramoney wakuleli.

Kube eyePan African Lightweigh­t yemizulisw­ano ewu-12 phakathi kuka-Ayanda Nkosi noCosmos Cheka waseTanzan­ia.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMSHAYISIB­HAKELA waseChatsw­orth uMarc Subramoney ozotholana phezulu noJustice Siliga ezimpini ezizoba ngoJuni 27
Isithombe: SITHUNYELW­E UMSHAYISIB­HAKELA waseChatsw­orth uMarc Subramoney ozotholana phezulu noJustice Siliga ezimpini ezizoba ngoJuni 27
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa