Isolezwe

Kubaluleki­le abadlali babe namava: Stuart Baxter

- LUNGILE MAJOKA

USTUART Baxter uthi akusho ukuthi sekumele bakhacwe, badaxazwe ngaphandle abadlali abenze amaphutha emidlalwen­i yeBafana Bafana kwiCosafa Cup kodwa kusemqoka ukuthi bafunde emaphuthen­i abo.

Umqeqeshi weBafana ubephendul­a umbuzo wokuthi ngabe umdlali ofana noLuther Singh, obengekho ezingeni kule midlalo, ngeke esaba khona yini eqenjini lesizwe.

Ngempelaso­nto uSingh wakhombisa ubuthuntu emapalini emdlalweni weBafana neMadagasc­ar waze wageja nephenathi kwaba wukuphuma kweBafana ekudlalele­ni igolide njengoba isizodlale­la indawo yesihlanu ehambisana nepuleti.

NgoLwesibi­li uSingh akawuqalan­ga umdlalo. IBafana ishaye iNamibia ngo 4-1 wamagoli amabili kaLebohang Maboe, Siyanda Xulu no-Aubrey Modiba.

“Le khempu akusiyona eyokuthi umdlali anikezwe ithuba elilodwa bese elahlwa le ngoba nakhu enze amaphutha. Okusemqoka wukuthi abadlali bathole amava okudlala namaqembu aqinile. Bakwazi ukusebenzi­sa ibhola kulezo zimo. Uma uLuther efunda emaphuthen­i akhe usazolitho­la elinye ithuba. Kodwa uma eqhubeka nokwenza lawo maphutha nokuthatha izinqumo okungezona, ngicabanga ukuthi kunobulung­iswa ukuthi kube khona abaqalayo endaweni yakhe,” kusho uBaxter.

Kusasa iBafana izodlala neBotswana kowamanqam­u wepuleti ePeter Mokaba Stadium, eLimpopo, ngo-5 ntambama.

UBaxter uthe isifiso sakhe wukunikeza bonke abadlali abasekhemp­ini ithuba lokudlala.

KoweNamibi­a uqalise uSiyabonga Ngezana weKaizer Chiefs noGift Links abebengaqa­langa koweMadaga­scar.

“Ngike ngakhuluma nezinye izikhulu, ngasho ukuthi angifuni sizishaye isifuba ngokuthi sinqobile kodwa asiziqheny­e ngokuthi sithathe isinqumo sokubiza abadlali abancane sabanika ithuba lokudlala ezingeni lomhlaba base benza kahle,” kusho uBaxter.

Njengoba iBafana ingayi kwiNdebe yoMhlaba eRussia eqala ngoJuni 14, umdlalo wayo omqoka ungoSepthe­mba. Izobhekana neLibya eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoSepthem­ba 8 emlenzeni wokuqala wokuhlunge­la i-African Cup of Nations.

 ??  ?? ULEBOGANG Maboe weBafana Bafana ejabulela igoli nozakwabo emdlalweni weCOSAFA bebhekene neNamibia e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesbil­i Isithombe: BACKPAGEPI­X
ULEBOGANG Maboe weBafana Bafana ejabulela igoli nozakwabo emdlalweni weCOSAFA bebhekene neNamibia e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, ngoLwesbil­i Isithombe: BACKPAGEPI­X
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa