Isolezwe

Sekubanga abathathu koweChiefs

- NDUDUZO DLADLA

NJENGOBA sekusondel­e usuku lwangoJuni 15 olwalubalu­lwe yiKaizer Chiefs ukuthi kungase kushaye lona isinaye umqeqeshi omusha, kubonakala sengathi kuzoya ngokwamaga­ma enkehli.

Izolo kusabalale izindaba zokuthi iChiefs isihlunge yaze yafinyelel­a kubaqeqesh­i abathathu kwizindimb­ane zezicelo zokuqeqesh­a ebezifakwe abaqeqeshi abehlukene abaqhamuka emazweni ehlukene emhlabeni jikelele.

Isolezwe selinawo amagama alaba baqeqeshi abathathu asebesele okuzokheth­wa kubona oyedwa ozohola Amakhosi ngesizini ezayo. Leli phephandab­a lingakuqin­isekisa ukuthi igama lomqeqeshi weFree State Stars uLuc Eymael alikho kula magama.

U-Eymael uyena obethwelwe ngeqoma ukuthatha lesi sikhundla, kepha kubonakala sengathi kukhona lapho kuphambane khona njengoba indaba yakhe neChiefs isivele yaphelela emoyeni.

Ngokuthola kweSolezwe amagama abaqeqeshi asebesele abathathu ngelikaAvr­am Grant, oke wacija iChelsea, Portsmouth neWest Ham United okungamaqe­mbu ase-England neqembu lesizwe laseGhana. Owesibili uDoctor Khumalo, oshiye kukubi kwiChiefs ngezinsolo zokuthi ubengabhek­ani noSteve Komphela. Naye uKomphela usule sekukubi kuleli qembu ngemuva kokukhishw­a yiFree State kwiNedbank Cup. Umqeqeshi wesithathu kwezokheth­a kubona iChiefs owase-England uMick McCarthy, oke wacija amaqembu ahlonishwa­yo kuleliya lizwe, okubalwa kuwona iSunderlan­d, Wolverhamp­ton ne-Ipswich Town. Lo mqeqeshi uke wayibamba naseqenjin­i lesizwe iRepublic of Ireland.

Ngokuthola kweSolezwe, uMcCarthy uyena ofunwa kakhulu yiChiefs, kepha kuyavela nokuthi udaba lwemali engagculis­i yilona olwenza lo mqeqeshi abe manqika ukusayina naMakhosi.

UVina Maphosa ophethe ezokuxhuma­na kwiChiefs kulukhuni satshe ukumthola kulezi zinsuku njengoba ekhala ngokuthi uphuma engena emihlangan­weni.

Ngesikhath­i leli phephandab­a limbuza ukuthi ngabe uKhumalo, McCarthy noGrant bakhona yini emagameni alabo abafake izicelo zomsebenzi uthe: “Sizoxhuman­a uma sesenza isimemezel­o maduze nje. Ngeke siwaveze amagama abaqeqeshi kodwa siyomemeze­la igama elilodwa lomqeqeshi okunguyena ozophumele­la ukuthola umsebenzi.”

Ebuzwa ukuthi uzomenyeze­lwa nini umqeqeshi omusha uphendule wathi: “Uma nje sesiqede konke mayelana nezingxoxo eziqhubeka­yo.”

IChiefs kumele icacise maduze ngomqeqesh­i ngoba kuzodingek­a ibuyele emsebenzin­i ungakaphel­i uJuni.

 ??  ??
 ??  ?? AVRAM GRANT
AVRAM GRANT
 ??  ?? DOCTOR KHUMALO
DOCTOR KHUMALO
 ??  ?? MICK MCCARTHY
MICK MCCARTHY
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa