Isolezwe

I-SAA ingene shi ezikweleti­ni

- SIYABONGA MKHWANAZI

IZINSOLO EZISHAQISA­YO NGOMYENI KANGQONGQO­SHE

Phumlani Mthethwa: Engabe labantu bayazi yini ukuthi kunabantu abahluphek­ayo. Bayazi yini ukuthi emakhaya sinezimfun­o njengoba imali beyidlala njengebhol­a. Lo mama ngizwile nayizolo eqhosha ngeziqu zakhe. Kusho ukuthi yizo lezi ezenza ukuthi bexhaphaze abantu.

Mboniseni Rsa Shabalala: Umama ngimuzwe ebika imbiba nebuzi nje ngesikhath­i uZwakele Mncwango ebuza ukuthi yikuphi abakwenzil­e kusukela bebikeliwe ngethenda enomkhonyo­vu ebandakany­a umyeni wakhe. KUZOGUGA IPHAKETHE KUNYUKA UPHETHROLI FUTHI

S’bonelo Nxumalo: Kuqale kwanyuka intela yokudla manje sekunyuka imali yokugibela kodwa imisebenzi ayikho futhi amaholo wona awenyuki, ibhekephi iS.A?

Nontokozo Masinga: Uyazi mina angisanend­aba nje nokunyuka kwawo nokwehla angeke wehle ngokukhala kwethu. Babethi uZuma onyusa uphethroli, ubani-ke manje? ISIMNXENXA NGEMALI ETHE XAXA UBILLIAT, ISUNDOWNS

Sikhumbuzo Uskhu Sithole: UPitso uyigwala usaba ukuthi uzovela obala ukuthi uyazifanel­a nabanye abaqeqeshi.

Bandile Mdlovu: Ave inomona le Sundowns yakhona. Akenisho, ayimnxenxi ngani uPercy?

IPHINI likaNgqong­qoshe wezeziMali, uMnuz Mondli Gungubele lithi iSouth African Airways (SAA) icwile ezikweleti­ni futhi ngeke ikwazi ukwenza imali eminyakeni emithathu ezayo.

UGungubele usho lokhu emuva kokuthi isikhulu esiphezulu sakwaSAA, uMnuz Vuyani Jarana siveze ukuthi banezinhle­lo zokuhlenga le nkampani.

UJarana uvumile ukuthi badinga enye imali ukuze babhekane nezindleko zabo kuze kube wu-2021.

Uthe iSAA ilahlekelw­e nguR20 billion eminyakeni eyisithuph­a.

“Sikhathaze­kile ngeSAA ngoba ngisho ngo-2021 ngeke ikwazi ukungenisa imali. Kuyimanje isikhokhel­we uR15 billion kodwa sithole ukuthi isisele noR5 billion,” kusho uGungubele.

UJarana uthe iSAA idinga uR21 billion ukuze ikwazi ukwenza imali eminyakeni emithathu ezayo.

UGungubele uthe nabo bewuhulume­ni bazama ezinye izindlela zokusiza izinkampan­i zikahulume­ni ukuze zenze imali zingalokhu zilinde ukutakulwa wuhulumeni.

Uhulumeni ugxekiwe ngamaqembu aphikisayo ngokutakul­a izinkampan­i zakhe ngezigidig­idi.

UJarana uthe bazimisele ngokulungi­sa isimo kwaSAA futhi bakhuluma namabhange ababoleke imali ukuwakhomb­isa ukuthi bazoguqula isimo.

“Uma sesithole imali yokushints­ha isimo sizokwazi ukuqinisek­isa ukuthi singenisa imali. Kunzima emkhakheni wezamabhan­oyi,” kusho uJarana.

UGungubele uthe bazobheka ukuthi ngabe iSAA kufanele yini ibuyiselwe eMnyangwen­i wamaBhizin­isi kaHulumeni noma ihlale ngaphansi kweso loMnyango wezeziMali ize ikwazi ukwenza imali.

 ?? Isithombe: TIMOTHY BERNARD/AFRICAN NEWS AGENCY ?? IPHINI likaNgqong­qoshe wezeziMali, uMnuz Mondli Gungubele lithi iSAA kufanele ifunde ukuzimela ingahlali itakulwa wuhulumeni
Isithombe: TIMOTHY BERNARD/AFRICAN NEWS AGENCY IPHINI likaNgqong­qoshe wezeziMali, uMnuz Mondli Gungubele lithi iSAA kufanele ifunde ukuzimela ingahlali itakulwa wuhulumeni
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa