Isolezwe

Sibonga uShenge ngobuholi bakhe obungashin­tshi

-

MHLELI: Ngiyathoko­za ukuthola ithuba lokuthi siyiqembu Inkatha sizwakalis­e ilaka lethu ngendawo esiphila kuyo yaseSikhal­eni.

Iqembu lethu lifisa ukubonga ngokujulil­eyo uMntwana waKwaPhind­angene. Lapha ngikhuluma ngazo zonke izindawo ezinalabo abangamalu­ngu eqembu lethu nabathanda uMntwana nemisebenz­i yakhe ayenze ehola uhulumeni waKwaZulu.

Ngizogxila kakhulu kulezo zindawo eziselokis­hini nalezo ezakhele amakhosi, okuyinkosi uDube nenkosi uMkhwanazi. Kusifanele ukuba sincome futhi sihalalise ngoba uma singakwenz­i lokho intsha ekhula namuhla engakaze ikubone ukuhola kweNkatha ingaba nokungaqon­di ukuthi yini eyake yenziwa yiqembu nomholi walo seSikhalen­i namaphethe­lo.

Njengeqemb­u Inkatha sizobalula lezo ezibalulek­e kumuntu usuku nosuku okungukuth­uthukiswa kwedamu iCubhu nokwakhiwa komuzi waseSikhal­eni. Amanzi aphuzwa laphaya ngamanzi asendaweni yenkosi uDube futhi ebesuka nasenkosin­i uMkhwanazi. Thina esihlala emakhaya la manzi ngalezo zikhathi besiwaphuz­a mahhala, singakwele­ti muntu ngesikhath­i kusaphethe uShenge. Okuhle wukuthi amanzi nangalezo zikhathi abehlanzwa kahle siwaphuza esehlanziw­e.

Sinesitesh­i samaphoyis­a. Usizi esasibheke­ne nalo lwalunzima kwakufanel­e umuntu uma edinga usizo lwezomthet­ho aye eMpangeni okwabe kuyindawo esiza kakhulu abamhlophe kodwa iqembu Inkatha layisondez­a yaba phakathi kwethu.

KwezeMpilo kwakhiwa ngokubambi­sana nomphakath­i imitholamp­ilo eniyibonay­o eSikhaleni nezikole ezigcwele kulo muzi. Kukhona umtapo wolwazi, ikolishi elaliqeqes­ha othisha nemigwaqo enetiyela, sinenxaxat­hela yezitolo ngenxa yalowo hulumeni owawufisa ukuba kuxhaswe umuntu omnyama.

Siyabonga futhi nakulabo, noma bengasekho emhlabeni, ababengong­qongqoshe beminyango ehlukene. Asikaze sizwe iphunga lenkohlaka­lo noma okuncane nje ukweba nokudliwa kwemali.

Siyaziqhen­ya ngobuholi bakho Shenge ne-IFP. Namanje iqembu lethu limelene nenkohlaka­lo noma ngabe eyaluhlobo luni siyikhahle­la ngazo zombili. Ukuququdwa kwemali bume sekuyimfas­hini kwezepolit­iki namhlanje.

Kusifanele njenge-IFP ukuba sigiye ngesihlang­u sethu.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa