Isolezwe

Isikhathi besesifiki­le kuMthembu

- NONTUTHUKO NGUBANE

HAKAMA Mthembu ixesha lifikile.” Bebemkhuth­aza ngala mazwi uBongmusa Mthembu ngesikhath­i esemzileni ebheke eMoses Mabhida Stadium, eThekwini izolo emjahweni weComrades obuqale eCity Hall eMgungundl­ovu.

Kuthe selikhanya ilanga sebeya ngokwanda abantu abebethame­le umjaho endleleni, bezilokhu zisho njalo zithi uMthembu nguyena okufanele awunqobe umjaho.

Ugcine eyishayile intambo engena eMabhida kuchwaza inkundla wena owabona kuhlangene izintandok­azi zamaqembu kanobhutsh­uzwayo. Abanye abalandeli bebememeza bethi “Bulwer, Bulwer, Bulwer” indawo adabuka kuyo uMthembu.

Ngesikhath­i umbhobho umemezela ukuthi useyeza osendaweni yokuqala abantu, abebengaph­andle kwenkundla, bagijime bazongena ngaphakath­i befuna ukuzibonel­a insizwa ishaya intambo.

Kuthe uMthembu eseqhantsh­e waphuma phambili sebedlula ePinetown, abantu bebelokhu bemmemezil­e, abanye besifazane bahluleka nokuzibamb­a baqonda kuyena bemubamba. Kuze kwalamula amaphoyisa. Ngisho izingane ezincane emuva kwakhe zimemeza zithi “Mthembu, Mthembu, Mthembu.” Abanye bebethi “Phakama Mvelase”.

Ungene eMabhida washaya isiphamban­o, wakhomba phezulu ngezandla zombili wase elala ja phansi. Uthe ephakama lapho wase eya koxhawula izikhulu wadlulisa nomyalezo abewupheth­e kwiMeya yaseThekwi­ni, uNkk Zandile Gumede, obuvela kwiMeya yaseMgungu­ndlovu uMnuz Themba Njilo.

Ube esemukela indebe yakhe yegolide ewuphawu lokuthi ungumpetha ayinikezwe yisikhulu seComrades, uCheryl Winn, ahambe eyiphakami­sa eyibhekise ezihlwelen­i nakwabezin­daba.

UMthembu wazakhela ugazi nodumo enqoba iComrades ngo-2014 kusukwa khona eMgungundl­ovu kuyiwa eThekwini. Ngonyaka olandelayo akazange enze kahle njengoba wawushiya phansi umjaho. Wathi wayengapha­thekile kahle emoyeni egulelwa unina wezingane.

Ngo-2016 waphuma endaweni yesithathu kunqoba uDavid Gatebe njengoba nyakenye edle ubhedu.

 ?? Isithombe:SBU NDLOVU ?? UBONGMUSA Mthembu edlula ngaphansi kwebhuloho iTollgate eThekwini izolo ebongelwa izihlwele ngaphambi kokuthi anqobe umjaho
Isithombe:SBU NDLOVU UBONGMUSA Mthembu edlula ngaphansi kwebhuloho iTollgate eThekwini izolo ebongelwa izihlwele ngaphambi kokuthi anqobe umjaho
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa