Isolezwe

Udele umndeni onqobe umjaho

- NONTUTHUKO NGUBANE noLUNGILE MAJOKA

UDELE umndeni umpetha weComrades Marathon, uBongmusa Mthembu, ohlale izinyanga ezintathu eLesotho elungisele­la lo mjaho osuke eMgungundl­ovu wayophela eMoses Mabhida Stadium eThekwini izolo.

UMthembu (34) ungene emabhukwin­i omlando eba ngowokuqal­a omnyama ukunqoba kathathu lo mjaho ongeminye yemikhuluk­azi emhlabeni. Akwenzile kwagcina ngoBruce Fordyce eminyakeni elinganise­lwa kwengu-30 edlule. Unqobe ngo-5:26:34.

Umqeqeshi kaMthembu, uXolani Mabhida, exoxa neSolezwe ngemuva komjaho uveze ukuthi lo mgijimi odabuka eBulwer udele konke ezilungise­lela.

“Sihlale izinyanga ezintathu siziqeqesh­a eLesotho noThuso (Mosiea) no(Nkosinathi) Duma. UMthembu ubedela ngisho nomndeni wakhe njengoba sisuke ekhempini sazogijima. Akazange aye ekhaya. Kwesinye isikhathi izimo zasekhaya zike zikuphazam­ise ukulungise­lela umjaho. Kudingeka ukuthi uzinike isikhathi esanele sokuziqeqe­sha ungaphazan­yiswa yilutho,” kusho uMabhida. Laba bagijimela i-Arthur Ford Athletic Club.

Ekhuluma nabezindab­a uMthembu ukuvezile ukuthi ubengazi nokuthi umndeni wakhe ukhona enkundleni.

Ukuqinisek­isile ukuthi bese kuphele izinyanga ezintathu awugcina.

“Ngesikhath­i ngigqashul­a ulayini ngifikelwe umunyu ngoba bengingakh­olwa ukuthi ngizoqeda ngenxa yezingqina­mba engike ngabhekana nazo ngaphazami­seka nasekuziqe­qesheni kwami. Ngivuke ngazithath­a ngaya kobona (umndeni) sengizwa ukuthi bakhona odadewethu nabafoweth­u enkundleni ngoba bengingali­ndele,” kusho uMthembu.

Sekuwunyak­a wesibili uMabhida ofundisa kwamanye amakolishi eqeqesha uMthembu. Nanyakenye badle umhlangani­so kusukwa eThekwini kuyiwa eMgungundl­ovu.

“Esikwenzil­e emjahweni bekuyicebo lethu njengoba besiziqeqe­sha ndawonye. Bobathathu laba bagijimi bayazimise­la futhi bayasebenz­isana. Besikuhlel­ile ukuthi uThuso ahambe nabo ku-30km bese eyabadedel­a bese uDube ephuma kwabangu-10 abaphambil­i elekelela ukuphusha uMthembu. Nangempela kwenzeke kanjalo. Nesikhathi asitholile uMthembu yileso ebengisibh­ekile. Ngasho phambilini ukuthi isikhathi esisibheki­le siphakathi sika-5:15 no-5:28,” kusho uMabhida.

UDuma ungene endaweni ka-10 enza isikhathi esingu-5:47 kwathi uMosiea wangena endaweni ka-20 enza u-5:59.

“Bengingali­ndele ukuthi ngingenza isikhathi esihle kangaka kodwa ngokuseben­zisana noMthembu noDuma ngikwazile ukwenza isikhathi ebesingasi­lindele. Okwenzekil­e bekungaphe­zulu kwalokhu ebesikuhle­lile,” kusho uMosiea.

 ??  ??
 ?? Isithombe:BONGANI MBATHA ?? UMGIJIMI uXolani Luvuno obegijima iComrades okokuqala onconywe abagijimi abaningi ngokuqeda lo mjaho izolo
Isithombe:BONGANI MBATHA UMGIJIMI uXolani Luvuno obegijima iComrades okokuqala onconywe abagijimi abaningi ngokuqeda lo mjaho izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa