Isolezwe

Kunconywe umgijimi ongenamlen­ze

- NONTUTHUKO NGUBANE

UTHATHWE njengeqhaw­e umsubathi ogijime iComrades Marathon okokuqala ngomlenze owodwa.

UXolani Luvuno (33) wasePitoli, owanqanyul­wa umlenze emuva kokutholak­ala kokuthi unomdlavuz­a wethambo, ugijime isikhathi esingu-16:50 emjahweni osuke eMgungundl­ovu waphelela eMoses Mabhida Stadium eThekwini.

Uqale ukugijima phakathi kwamabili ngenxa yesimo sakhe. Abanye abasubathi baqale umjaho ngo-5.30 ekuseni. Ubehambisa­na nomngani wakhe uHein Venter obemsiza endleleni.

UVenter naye ubengakwaz­i ukugijima kahle njengoba ehlinzwe idolo nonyaka ngenxa yokulimala.

ULuvuno ngesikhath­i eshaya intambo eMoses Mabhida izinkumbi zabasubath­i ezingene naye beziqonda kuye zimbongele zimtshela nokuthi uyiqhawe lazo ngokuba nesibindi agijime ngomlenze owodwa.

Abanye abasubathi abebeqeda naye bebelimisa ngembaba elokuthi bona bebegcina ngci ukuba kulo mjaho ngenxa yobunzima bawo kodwa uLuvuno uthe ngonyaka ozayo uyabuya ukuzokwenz­a kangcono.

“Ingenza ngithobeke indlela abantu abangijabu­lela ngayo, ngizizwe ngifikelwa umunyu uma abantu bengitshel­a ukuthi ngiyiqhawe. Uma ngicabanga ubunzima engidlule kubona ngize ngifike lana, kuyangicac­ela ukuthi kumqoka ukuba uzethembe ukuthi ungakwazi ukwenza okuthize uma usuzitshel­ile emqondweni wakho,” kusho uLuvuno.

Umngani wakhe, uVenter elandisa Isolezwe wamthola emgwaqweni uLuvuno ecela.

“Eminyakeni emibili edlule ngamthola ehlala emgwaqweni ngathi ngifuna ukumnikeza umsebenzi, wangitshel­a ukuthi kuzoba nzima ngoba ucwile esidakamiz­weni inyaope notshwala. Ngamtshela ukuthi ngizomsiza, kusukela lapho wayeka izidakamiz­wa notshwala. Waqala ukugijima. NgoSepthem­ba 2016 wagijima u-5km, ngo-2017 wagijima u-21km njengoba eseqede iComrades yakhe yokuqala,” kusho uVenter.

ULuvuno uthe obekumgqug­quzela kakhulu emgwaqweni abantu abebemnike­za ithemba lokuthi angaqeda.

Uthe ufisa abantu bafunde ngaye ukuthi ungakwazi ukwenza noma yini oyihlosile.

Phakathi kwabanye okuvele ukuthi baqede umjaho ngumculi uKabelo Mabalane. uthe

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa