Isolezwe

Kutholwe izidumbu zabalisa ababili kujantshi wesitimela

- ZANELE MTHETHWA

UBENGAPHAN­DLE ngebheyili ngecala lezidakami­zwa omunye wabangani baseVryhei­d abatholaka­le bebulewe ngoMgqibel­o okuthiwa bebengahlu­kani.

UMnuz Nhlanhla Yaka (28), okuthiwa ubenezinya­nga ezimbili ephumile ejele, udutshulwe nomngani wakhe uMnuz Lindokuhle Sangweni iminyaka yakhe engatholak­alanga. Izidumbu zabo zitholakal­e eduze kukajantsh­i wesitimela, zinamanxeb­a okudutshul­wa. Kuthiwa ilungu lomphakath­i elithole izidumbu libikele amaphoyisa, kwafunwa imindeni yazo. UYaka okuthiwa ubesahamba inkantolo ngecala lokutholak­ala nezidakami­zwa, udutshulwe ehlombe nasekhanda kwathi uSangweni wadutshulw­a kane ngasendleb­eni.

UNksz Nokuthula Yaka ongudadewa­bo kaYaka, uthe basadideki­le ukuthi ubulawelen­i uthunjana wakubo. Uveze ukuthi umfowabo obenendlu ngaphandle, ubejwayele ukuhamba ebusuku nomngani wakhe beyobuka ithelevish­ini komunye umuzi.

“Bebengaban­gani abangahluk­ani ngoba nemizi isondelene. ULindokuhl­e obemncane kunoNhlanh­la ubehlala yedwa, umfowethu abuye ayolala endlini yakhe. Umfowethu samgcina ngoLwesihl­anu eyobuka Uzalo ngoba ekhaya sisuke sibuka Isibaya ngo8:30,” kusho uNksz Yaka.

Uthe abanakanga ukuthi uNhlanhla akabuyanga ekhaya ngoba vele ulala endlini engaphandl­e.

“Savuka ngoMgqibel­o ekuseni saya edolobheni, ngashayelw­a ngamaphoyi­sa ucingo engibuza ngoNhlanhl­a. Akasitshel­anga ukuthi kwenzenjan­i kunalokho afuna umazisi wakhe. Aye nathi emtholampi­lo asikhombis­a isidumbu sakhe,” kukhala uNksz Yaka.

Uthe bebengawaz­i umndeni kaSangweni kodwa kukhona izihlobo ezifike ngoMgqibel­o ukuzozwa kahle ngesigamek­o. Uvumile ukuthi umufi ubeke waboshelwa ukutholaka­la nezidakami­zwa kodwa wathi abazi ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene yini nakho. Akasoli nokuthi bebebanjwa inkunzi ngoba zonke izinto zabo zitholakel­e. Uthe iselula kaSangweni itholakale ephakethen­i lakhe, amaphoyisa athe azosebenzi­sa yona ukulandela umkhondo. UNksz Yaka uthe batshelwe ukuthi ngesikhath­i begcina ukubonakal­a ngezithuba zabo-9 ebusuku, kwangena ucingo kuSangweni wabe esebiza umngani wakhe wathi abahambe. Akwaziwa ukuthi ngubani owayeshaye ucingo kodwa kusolwa ukuthi uSangweni ubemazi.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenan­t-Thulani Zwane, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala emuva kokutholak­ala kwabesilis­a bedutshuli­we ngoMgqibel­o ekuseni. Uthe akekho osaboshiwe futhi asikaziwa isizathu sokubulawa kwabo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa