Kutholwe izidumbu zabalisa ababili kujantshi wesitimela
UBENGAPHANDLE ngebheyili ngecala lezidakamizwa omunye wabangani baseVryheid abatholakale bebulewe ngoMgqibelo okuthiwa bebengahlukani.
UMnuz Nhlanhla Yaka (28), okuthiwa ubenezinyanga ezimbili ephumile ejele, udutshulwe nomngani wakhe uMnuz Lindokuhle Sangweni iminyaka yakhe engatholakalanga. Izidumbu zabo zitholakale eduze kukajantshi wesitimela, zinamanxeba okudutshulwa. Kuthiwa ilungu lomphakathi elithole izidumbu libikele amaphoyisa, kwafunwa imindeni yazo. UYaka okuthiwa ubesahamba inkantolo ngecala lokutholakala nezidakamizwa, udutshulwe ehlombe nasekhanda kwathi uSangweni wadutshulwa kane ngasendlebeni.
UNksz Nokuthula Yaka ongudadewabo kaYaka, uthe basadidekile ukuthi ubulaweleni uthunjana wakubo. Uveze ukuthi umfowabo obenendlu ngaphandle, ubejwayele ukuhamba ebusuku nomngani wakhe beyobuka ithelevishini komunye umuzi.
“Bebengabangani abangahlukani ngoba nemizi isondelene. ULindokuhle obemncane kunoNhlanhla ubehlala yedwa, umfowethu abuye ayolala endlini yakhe. Umfowethu samgcina ngoLwesihlanu eyobuka Uzalo ngoba ekhaya sisuke sibuka Isibaya ngo8:30,” kusho uNksz Yaka.
Uthe abanakanga ukuthi uNhlanhla akabuyanga ekhaya ngoba vele ulala endlini engaphandle.
“Savuka ngoMgqibelo ekuseni saya edolobheni, ngashayelwa ngamaphoyisa ucingo engibuza ngoNhlanhla. Akasitshelanga ukuthi kwenzenjani kunalokho afuna umazisi wakhe. Aye nathi emtholampilo asikhombisa isidumbu sakhe,” kukhala uNksz Yaka.
Uthe bebengawazi umndeni kaSangweni kodwa kukhona izihlobo ezifike ngoMgqibelo ukuzozwa kahle ngesigameko. Uvumile ukuthi umufi ubeke waboshelwa ukutholakala nezidakamizwa kodwa wathi abazi ukuthi ukubulawa kwakhe kuhlobene yini nakho. Akasoli nokuthi bebebanjwa inkunzi ngoba zonke izinto zabo zitholakele. Uthe iselula kaSangweni itholakale ephaketheni lakhe, amaphoyisa athe azosebenzisa yona ukulandela umkhondo. UNksz Yaka uthe batshelwe ukuthi ngesikhathi begcina ukubonakala ngezithuba zabo-9 ebusuku, kwangena ucingo kuSangweni wabe esebiza umngani wakhe wathi abahambe. Akwaziwa ukuthi ngubani owayeshaye ucingo kodwa kusolwa ukuthi uSangweni ubemazi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-Thulani Zwane, uthe kuvulwe amacala amabili okubulala emuva kokutholakala kwabesilisa bedutshuliwe ngoMgqibelo ekuseni. Uthe akekho osaboshiwe futhi asikaziwa isizathu sokubulawa kwabo.