Isolezwe

Sebefuna asule uKaMagwaza Msibi kwiNFP

- INTATHELI YESOLEZWE

ZIYAQHUBEK­A izinkinga kwiNationa­l Freedom Party (NFP) njengoba sekukhona abaholi baseZulula­nd abayizethe­njwa zikaNkk Zanele Magwaza-Msibi abafuna asule ukuze kuhlakazwe iqembu.

Lokhu kulandela umdonsiswa­no obuseNkant­olo yaseThekwi­ni ngoLwesine, lapho bekuqhubek­a khona icala elifakwe yiPhini likaMengam­eli weqembu, uNkk Sindi Mashinini Maphumulo, ofuna uKaMagwaza Msibi acacisele inkantolo ukuthi ngabe uyena yini owabhala isitatimen­de esayalela ukuba kuhlakazwe ubuholi ngo-Ephreli wangonyaka odlule.

Inkantolo ikhiphe umyalelo wokuba izinhlango­thi ezingabhek­ani ziyoxoxa.

Omunye walaba baholi baseZulula­nd, uMnuz Siphamandl­a Ntombela, uthe ukube uKaMagwaza Msibi akekho ngabe sebelishiy­ile iqembu baziyela kwamanye amaqembu.

“UMashinini unenkani uyasixova akafuni ukuba sibuyisane kuphele le nto. Uyazi ukube kuyenzeka ngabe uKaMagwaza Msibi uyesula ashiye ukuze nathi sikhululek­e siziyele kwezinye izinhlanga­no. Sihleli ngoba silandela yena,” kusho uNtombela.

Eziphendul­ela uNkk Mashinini Maphumulo uthe akalwi neNFP kodwa ufuna iqiniso. “Okokuqala uNtombela angimazi ukuthi ungenaphi ngoba akekho ngisho emaphephen­i asenkantol­o. Mina ngifuna kube yinkantolo manje eveza iqiniso ukuthi ngabe zonke izinqumo nezitatime­nde okuthiwa zivela kuKaMagwaz­a Msibi, zisuka kuye ngempela yini. Phela ngiyamazi uKaMagwaza Msibi. Sengiphile naye iminyaka engu-30 ngakho akakwazi ukuthatha izinqumo ezinje. Futhi selokhu agula sebemphend­ule unodoli wabo.”

Ukhale ngokuthi bafuqwa ngezitatim­ende okuthiwa zivela kuNkk Magwaza-Msibi kodwa abakaze bamuzwe ekhuluma noma eziqinisek­isa.

Okhulumela ukaMagwaza Msibi, uMnuz Canaan Mdletshe, uthe kuyishwa ukuthi kube nomuntu okhuluma kanje.

“Wonke umuntu ujoyina iNFP ngokuthand­a kwakhe. Uma kukhona onesiphaka­miso sokuthi kumele asule akaye koKaMagwaz­a Msibi axoxe naye ngoba ungumholi ovulelekil­e ongenankin­ga.”

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa