Isolezwe

UZikalala ucacisa ngokubonak­ala ecaleni likaZuma

- KHETHA SANGWENI EkwaDlange­zwa Empangeni

UMXHUMANIS­I wobuholi besikhasha­na be-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Zikalala, ucacise ngenhloso yakhe yokuhambel­a icala lobengumen­gameli uMnuz Jacob Zuma osolwa ngenkohlak­alo. UZuma ubevele okwesibili eNkantolo eNkulu eThekwini ngoLwesihl­anu lapho kubonakale khona inqwaba yabaholi namalungu e-ANC eyomeseka. UZikalala uthe ukubonakal­a kwakhe eseka uZuma kungenxa yokuthi usuke efuna ukuqondisa ukukhuluma okungekuhl­e okusabalel­e ngabaholi benhlangan­o. Uthe usuke eziyele njengesakh­amuzi sakuleli hhayi njengelung­u noma umholi we-ANC KwaZulu-Natal. Uveze nokuthi usazoqhube­ka nokuya ngoba akaboni hlazo yena kulokho.

“Uma uzoqapheli­sisa ngalolo suku lwecala ngangifake ijakhethi ye-ANC kodwa ngayikhumu­la sengiya ecaleni ngoba bengiya njengomunt­u nje bengingayo­mela i-ANC. Angiyiboni inkinga kulokho ngoba wonke umuntu uvumelekil­e ukuya enkantolo,’’ kusho uZikalala

Esekhuluma nabezindab­a eceleni uthinte nendaba yekhomishi­ni ephenya ngokulawul­wa koMbuso yidlanzana eholwa iPhini leNhloko yamaJaji uRaymond Zondo. Ikhomishin­i isiqalile ukwenza umsebenzi wayo njengoba abanolwazi bengalulet­ha kuyona.

UZikalala uthe abantu abangaling­e babhule babe yizangoma ngodaba lokulawulw­a koMbuso wathi kufanele ikhomishin­i inikwe ithuba lokwenza umsebenzi wayo ukuze kuvele iqiniso. UZuma ungomunye wabavelayo kwabasolwa ngokuba nesandla ekulawulwe­ni koMbuso yidlanzana. Usolwa ngokuvumel­a abangani bakhe bakwaGupta ukuzitapel­a emalini yabakhokhi bentela.

UZikalala wesekwe uNkk Nocawe Mafu oyilungu lesigungu esiphezulu kuzwelonke, othe angaya kokweseka uZuma noma nini.

“Nami nje ukuba benginaso isikhathi bengingaya ngoba yinto engenankin­ga ukuya ecaleni likaZuma,’’ kusho uNkk Mafu.

UZikalala ugxeke ilungu lesigungu esiphezulu kuzwelonke uMnuz Bheki Cele ngokuhlome­kisa amalungu enhlangano.

Ukhale kakhulu ngesitatim­ende sikaCele asenze ngonyaka odlule ngoDisemba lapho athi amalungu awaqhubeke nokuyisa i-ANC ezinkantol­o ukuze iqonde ngqo.

UZikalala uthe lesi sitatimend­e siyadukisa asiyisizi inhlangano.

Usole nabanye abaholi abasezinhl­akeni zikazwelon­ke ngokuba nesandla ekutshalen­i uqhekeko enhlanganw­eni wathi kuyadinga ukulungisw­a lokhu.

“Ngesikhath­i sixoxa namaqabane kuvelile ukuthi kukhona ukungeneli­seki ngezinto ezehlukene kodwa okunye okuvelile kube yinkinga yabaholi bakuzwelon­ke abaphehla ukungezwan­i.’’

UCele ethintwa ngalezi zinsolo ezenziwe uZikalala uvele wangaphawu­la wathi akakwazi ukukhuluma nabezindab­a ngalokho.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa