Basindiswe ukuzenza abafile beshaywa
KWASIZA ukuthi bazenze abafile abesilisa ababili baseBhambayi abathi bashaywa kanzima ngonogada abangu-13 abebehlomile, beyofesa.
Izibazi nezingozi emzimbeni kuxoxa indaba kuMnuz Sipho Qekana (31) noMnuz Thulani Maduna (36) abashaywe baphonswa ezimobeni eMount Edgecombe ngamadoda asebenzela inkampani yonogada. Namanje bathi abazi basinde kanjani ukuthi bangadutshulwa yilabo nogada ababehlome ngezibhamu, bebabophe nezandla. UMaduna noQekana bathi namanje kabasazi isizathu sokushaywa kwabo. Bathi behlelwa wumshophi belinde izimoto zosonkontileka ezithatha abafuna amatoho okwakha.
UMaduna uthe sekuneminyaka eminingi befesa kule ndawo esePhoenix. Ngosuku lwesigameko ngenyanga edlule uthe kwakuyizithuba zabo 7 ekuseni befesile.
“Ngangihleli eduze komunye umfowethu owayegoqa ugwayi, kwafika unogada wabuza ukuthi wenzani. Kwaphendula mina ngamtshela ukuthi ugoqa ugwayi, sagcina sibanga lokho eselwa nami. Ngasola ukuthi asizwani kahle ngoba ngabuye ngathola ukuthi akayena owakuleli. Wangibamba ngesidlozana wangishaya ngempama. Indlela ayengishaya ngayo nami ngagcina ngiphindisela, kwafika nabanye onogada bamlekelela,” kusho uMaduna.
Uthe kwala noma abanye ababefese nabo bezama ukukhuza, onogada baqhubeka nokumshaya, bangenelela nakuQekana.
UQekana uthe onogada babafutha ngesisi esikhalisa unyembezi, babafaka evenini bengasaboni nasemehlweni.
“Basibopha izandla basifaka evenini, basehlisa kwenye indawo kwaBester nakhona basishaya ngezinduku zonogada, besikhahlela nangamabhuzu. Baqala behlisa uMaduna, ngathola ithuba lokubaleka. Bengithi bambulele ngoba ngezwa kuqhuma nesibhamu emuva kwami,” kusho uQekana.
Uthe watotoba waze wabonwa ngowesifazane owayesebenza, wambizela onogada benye inkampani. UQekana olimale ezimbanjeni, emehlweni wavaleka nendlebe, uthe wayiswa emtholampilo oThongathi wadluliselwa esibhedlela Osindisweni. UMaduna othi waphaphama sekuntambama, wacela abadlula ngendlela ukuthi bamsize ngenduku yokudondolozela waze waphumela emgwaqweni. Usakhonkile emlenzeni ophukile, walimala nezimbambo. Bobabili bathi basizwa wukuthi benze sengathi sebefile ngesikhathi bephonswa evenini.
Okhulumela ikomiti lomphakathi eMaoti, eNanda, uNkk Blessing Nyuswa, uthe okubaxakayo wukuthi abakaze bathintwe amaphoyisa. Ukhala ngomseshi othe kumele udaba balulungise nenkampani yonogada ethintekayo ukuze banxeshezelwe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant-Colonel Thulani Zwane, uthe kuphenywa amacala okuzama ukubulala, ukulimaza nokuthumba. Uthe kwaboshwa abasolwa ababili abaneminyaka engu26 no-32 bavela eNkantolo yeMantshi eVerulam, icala liyaqhubeka.