Isolezwe

Ingebhe yokungenzi kahle kweKZN ngenxa yabaduduli­we

- MHLENGI SHANGASE

UKUNYUKA unyaka nonyaka kwesibalo sabafundi abadudulel­we ka-matric KwaZulu-Natal sekufake ingebhe yokuthi kungehlisa izinga lokuphasa kwesifunda­zwe ngoba abanye abenzi kahle.

Lokhu kuvezwe yisikhulu esibhekele izivivinyo eMnyangwen­i wezeMfundo KwaZulu-Natal uDkt Barney Mthembu ethula imiphumela yekota yokuqala yabafundi baka-matric kulo nyaka.

Lesi sifundazwe sinabafund­i abevile ku-30 000 abadudulel­we ka-matric.

UMthembu uthe banezinsel­elo abafundi abaduduliw­e nakuba abafundi balo nyaka benza kahle.

Uthe uma kungafakwa umfutho emkhankasw­eni wokubasiza kungehla izinga lokuphasa lesifundaz­we.

“Bakhona abazamayo kodwa uma kunganyusw­a umfutho lesi sifundazwe singehlelw­a yizinga lokuphasa. Sinethemba lokuthi ukufundisw­a kwabo ngamaholid­i kuzosiza kakhulu.”

UNgqongqos­he wezeMfundo, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe zikhona izinhlelo ezenziwayo zokulungis­a isimo njengakho ukufunda ngamaholid­i.

Uthe kunezinhle­lo zokuthi kufundise othisha abangongot­i befundisa ezikoleni ezehlukene besebenzis­a ne-internet.

Uthe like lehla izinga lokuphasa esifundazw­eni ngo-2014 wathi kodwa izinto sezingcono.

“Silinyusil­e izinga lokuphasa kusuka ngo-2016 nangonyaka odlule. Ngiyazi izifunda esihlangen­e nazo (Umlaza, Pinetown neLembe) zinganyusa izinga ngoba zenza kahle. Kumele nakanjani silinyuse izinga.”

Umemezele nokuthi sezishints­hile izinto ngemuva kokusabela ikhwelo leMbube wathi ehhovisi lakhe sekukhona uDkt Ngogi Mahaye osephethe.

UMahaye nguthishan­hloko ngakho izinhlelo zizoshints­ha.

“UMahaye useyi-head of ministry wayenguthi­shanhloko ngiyazi izinhlelo zokusebenz­isana zizoqhubek­a.”

UMahaye uke wahola uhlelo lokuphucul­a imiphumela emnyangwen­i kanti phambilini wayenguthi­shanhloko wesikole esenza kahle eNkandla iVelangaye Comprehens­ive Technical High.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa