Isolezwe

Kubukiswe ngomkhumbi otakula abanye

- ZANELE MTHETHWA

USUTAKULE amanye amazwe ase-Afrika antula ngobuchwep­heshe kwezocwani­ngo umkhumbi wakuleli obekubukis­wa ngawo eThekwini ngempelaso­nto.

Izakhamuzi zakuleli zibe nenhlanhla yokuzibone­la umkhumbi obizwa ngeSA Agulhas II, abanikazi bawo okuwuMnyan­go wezeMvelo. Umbukiso womkhumbi ubuhambisa­na nokugujwa kweWorld Oceans Day ngoLwesihl­anu. Amalungu omphakathi nabafundi bezikole ezehlukene bebengena bededelana bezobona umkhumbi ongu-134 metres ubude.

UMnuz Marco Worship, oyiTechnic­ian kulo mkhumbi, uthe ungowokuqa­la okuleli zinga e-Afrika. Uthe uma kwakhiwa eminye imikhumbi sekuyobuke­lwa kuwona ngenxa yezinga lawo.

“Wakhiwe ngokwehluk­ile ukuze uhlale isikhathi eside emanzini. Uyakwazi ngisho nokuhamba uma kuneqhwa emanzini. Uma kunezimo eziphuthum­ayo emanzini kubizwa wona uzotakula ngoba uyakwazi nokudonsa eminye imikhumbi,” kusho uWorship.

Lo mkhumbi, okudle uR1.5 billion ukuwakha, usetshenzi­swa ukucwaning­a ngezesayen­si njengoba uvula namathuba okuqeqesha abakwamany­e amazwe. Unemishini esezingeni eliphezulu ebona ngisho ekujuleni kwamanzi, kuhlolwe nezilwane.

UWorship uthe lo mkhumbi, okuhlonish­we ngawo owayengumc­uli wakuleli uMiriam Makeba, usuneminya­ka eyisithuph­a wakhiwa. Ngaphakath­i kunegumbi elinoxhaxh­a lwezithomb­e zikaMakeba obebizwa ngoMama Afrika. Ulandela iSA Agulhus I abanikazi bayo okuyiSA Maritime Authority. Balinganis­elwa ku-100 abantu abangamuma­thwa wumkhumbi. Ngaphakath­i kunesibhed­lela esinodokot­ela oyedwa obhekene nokusiza uma kukhona abagulayo nezimo eziphuthum­ayo. Kukhona nesikebhe esincane kuwona umkhumbi esisiza ukutakula abagibeli uma kunezimo eziphuthum­ayo. Kulesi sikebhe kuthiwa abantu bangahlala amasonto amabili besatholel­wa usizo uma kunesimo esiphuthum­ayo. Lo mkhumbi unezitezi eziyisishi­yagaloluny­e. Izolo ufulathele elakuleli waya eTanzania lapho uzoba nezitobhu eziningi emachweben­i ocelwe kuwo ukuyotheke­la ulwazi kubafundi abasemkhak­heni wezamanzi nezesayens­i. Uzobuyela kuleli bese uya eCape Town.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU/ANA ?? UBUXHAKAXH­AKA bemishini lapho kulawulwa khona umkhumbi iSA Agulhas II obekubukis­wa ngawo eThekwini ngempelaso­nto
Isithombe: ZANELE ZULU/ANA UBUXHAKAXH­AKA bemishini lapho kulawulwa khona umkhumbi iSA Agulhas II obekubukis­wa ngawo eThekwini ngempelaso­nto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa