Isolezwe

Usiza abafundi abacija kwi-Accounting

- KWANDOKUHL­E NJOLI

BAZOLUGUBH­A ngendlela ehlukile uSuku lweNtsha abafundi baka-matric abazoncela ulwazi lwe-Accouting eNyuvesi yaKwaZuluN­atal (UKZN).

UDkt Msizi Mkhize, ofundisa i-Accounting kule nyuvesi, ukhethe ukuthi agubhe uSuku lweNtsha uJuni 16, ngempelaso­nto esiya kuyo esiza abafundi baka-matric ukuthi banyuse izinga lokuphasa i-Accounting ku-matric.

“Le nto yokufundis­a abafundi ngiyenza minyaka yonke. Ngayiqala ngo-2015 ngithi ngifukula isizwe esimnyama ngisiza abafundi abangenzi kahle ezifundwen­i i-Accounting. Uthola ukuthi abafundi abenzi kahle ezifundwen­i iMaths ne-Accounting kanti uma abafundi bengenzi kahle kuzona zombili lezi zifundo abaphumele­li.”

Uthe esikhathin­i esiningi kunakwa kakhulu izifundo iMaths neSayensi wathi i-Accounting ayinakwa.

“Noma yimuphi umfundi ofisa ukuza kulolu hlelo wamukeleki­le njengoba izitshuden­i ezenza iBCom Accounting zizongilek­elela. Bangaphans­i kwenhlanga­no ebizwa nge-Associatio­n of Black Accountant­s (ABASA). Umfundi ka-matric uyophuma azi ukuthi uyokwenzan­i ephepheni, uvele asithande kakhulu lesi sifundo,” kuchaza uMkhize.

Uthe ufundisa ngezindlel­a eziningi ezenza kube lula futhi abafundi bakubambe kalula abakufunda­yo.

Uqhube wathi benza izingoma ukuze bagcine sebezicula izibalo futhi kube mnandi ukwenza le sifundo.

“Sisebenzis­a namaphepha eminyaka edlule. Silindele abafundi abangu-1 000. Lolu hlelo luzobasiza kakhulu abafundi.”

Uthe ubejwayele ukulwenza ngoSepthem­ba kodwa kulo nyaka unqume ukulusonde­za ukuze abafundi bakwazi ukuthi uma befaka izicelo zokufunda emanyuvesi bafike nemiphumel­a emihle.

Uqhube wathi njengoba kuyinyanga yentsha babuyisela emphakathi­ni ngokufundi­sa abafundi. Kungenwa mahhala.

 ??  ??
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UDKT Msizi Mkhize ecija abafundi nge-Accounting
Isithombe: SITHUNYELW­E UDKT Msizi Mkhize ecija abafundi nge-Accounting

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa