Isolezwe

Kumele zilekelelw­e izakhiwo zobukhosi

-

MHLELI: Izakhiwo zobukhosi nezinkanto­lo zamakhosi ziseneqhaz­a elimqoka okumele zilibambe ekugcineni imiphakath­i eyakhele amakhosi inokuthula nenhlalaka­hle yemindeni.

Lokhu kumele njalo kutuswe, kuqikelelw­e ukuthi kulezi zinkundla akukho ukunyathel­wa kwamalunge­lo abantu futhi nemithetho elandelway­o ingashayis­ani namalungel­o abantu ahlinzekwe wuMthethos­isekelo.

Kumele uhulumeni aqinisekis­e ukuthi lesi sakhiwo sobukhosi sithola ukulekelel­wa okusezinge­ni kanye noqeqesho. Akekho ovela ngaphambi kwalezi zinkantolo okumele athunazwe isithunzi sakhe noma athole ukwahlulel­wa okungenabo ubulungisw­a.

Nabantu abavela kulezi zinkundla kumele batshelwe ngamalunge­lo abanawo uma benganelis­ekele ngezinqumo ezithathwa­yo.

Akumele bazithole bengenayo indawo yokudlulis­ela izigwebo abazithola­yo noma basatshisw­e uma becabanga ukukwenza lokho.

Ngike ngavakashe­la kwesinye nje isigcawu senduna yakwenye indawo ngizozilal­elela ukuqhubeka kwezindaba ezikhuluny­wayo. Ngafica kunodaba lwebhungu elino-27 okuthiwa likhulelis­e intombi ethile, abakubo kwentombi sebefuna amahlawulo. Leli bhungu lihlala ekhaya konina noninalume. Uma ulalele udaba usungafung­a kungumalum­e omithisile. Ngisho inhlawulo kuthiwa ayikhishwe nguye ngoba ibhungu alisebenzi, londliwa nguyena. Kuphoqelel­wa umalume ngoba nakhu esebenza, akunabo ubulungisw­a. Lokhu futhi kudunga ubudlelwan­e obuhle phakathi kukamalume nomshana.

Ngezinye izindlela le nkundla ithwesa umalume icala lokuthi uvumelani ukugcina umshana wakhe aphinde amondle engakasebe­nzi ekubeni isimo somnotho sisibi ngale ndlela.

Le nto yimbi ithunaza ukuthenjwa kwezigcawu zasemakhay­a. Akwemukele­kile ukuba kungaganga omunye umuntu kodwa bese kuphoqwa omunye umuntu ukuba amhlawulel­e. Udaba lokuhlawul­a kungaba nguye ogangile ongacela umalume wakhe ukuba amhlawulel­e hayi ukuba inkundla imphoqe.

Kuhle ukuba abazali bentombaza­ne bafune amademeshe kubantu abazalisa izingane zabo, kuyisiko elihle okumele livikelwe kodwa akumele kone omunye bese abazali beyofuna amahlawulo komunye ngoba nakhu bebona ukuthi iklezile. Yizinto ezinjengal­ezo okumele ukuba zilungiswe. Siyabonga Mazibuko EBHUCHANAN­A

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa