Isolezwe

Abasakazi abayeke ukwenza into abangayifu­ndele

-

eNingizimu Afrika sesithukil­e ngendlela okubulawa ngayo abantu besifazane kodwa lokho akusho ukuthi abasakazi bethu abathathel­e abantu izinqumo njengoba sebenza nje.

Kukhona ukuthanda umuntu ngendlela yokuthi uma nixabene akudleki, akulaleki. Amaphutha ayenzeka othandweni kodwa lokho akusho ukuthi umsakazi akabe nelungelo lokutshela lowo muntu ukuthi akahlukane nomuntu athandana naye.

Ngibona kufana nokuphaka impi lokhu abakwenzay­o abasakazi ngoba umfana uzolobola aqede, bese bexabana nengoduso yakhe ishayele emsakazwen­i ibika ngokuxaban­a kwabo, umsakazi athi mshiye wena njengoba behlala besho nje. Ingoduso izomshiya ngempela lowo muntu obeyilobol­a kwazise iyakholelw­a kumsakazi. Uyezwa ngakusasa sebembulel­e lowo sisi ngenxa yokuthi owesilisa ubengafuni ukwaliwa.

Ngokwami ngithi abantu abathandan­ayo abanezinki­nga ake baye kumfundisi ebandleni abakhonza kulo, kumalungu omndeni noma kwabakufun­dele ukweluleka abantu hhayi ukuthi bafune usizo kubasakazi ngoba ngokubona kwami sengathi bona isinqumo basikhipha ngalena kokujula ngenkinga ezobhekana nalowo muntu osenkingen­i.

Sonke singaba ngamajaji ngoba umuntu uma ebulele singavele sithi akagwetshw­e udilika jele kodwa abantu abakufunde­le lokho bayacwanin­gisisa baqoqe nobufakazi bese kuba yima bemgweba umuntu.

Ngizama ukuxwayisa abasakazi bethu asebevele babe amajaji angakufund­ele ukuba amajaji, odokotela bothando nabeminden­i yabantu, ukuthi le nto abayenzayo abayiyeke ngoba izokona izinto eziningi.

Bona abayalele abantu lapho bengasizak­ala khona futhi baqhubeke nokushumay­ela ivangeli lokuthi abangabula­wa futhi abangashay­wa abesifazan­e bagcine lapho.

Abasakazi mabayeke ukugamanxa ezindabeni zabantu abathandan­ayo ngoba abawufunde­le lowo msebenzi.

Mabaqinise ekusakazen­i nokusidlal­ela izingoma. Ngiyabonga Thanda Chonco EMPANGENI

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa