Isolezwe

UNathi uthemba ukuthi izothandwa ingoma entsha

- NOKUBONGWA PHENYANE

UNETHEMBA lokuthi abantu bazoyithan­da ingoma yakhe entsha ekhuluma ngothando uNathi Mankayi omemezele iGallo Records Company ngoLwesihl­anu njengekhay­a lakhe elisha asezoqopha kulo.

UNathi ekuqaleni kwenyanga ukhiphe ingoma ethi “Qeqe (Mathandwen­i)” ezwakale eziteshini zomsakazo.

Ekhuluma ngengoma nokuba yilungu leGallo Music, uthe uzizwa ejabule ngokuba yilungu lomndeni omusha futhi uthemba ukuthi kuningi azokufunda.

“Nimbonile uNkulunkul­u ukuthi uyaphila ngemuva kokuphumel­ela kwami ukukhipha ingoma. Ingoma ngiyisungu­le ngemuva kokubona uthando ebengiluni­kwa ngabantu abahlukene ezikhathin­i ezinzima engibhekan­e nazo,” kuchaza uNathi.

Uthe abantu basuke bengaqambi amanga uma bethi uthando lunqoba zonke izinto.

“Ngizizwa ngithobeki­le ngokusekwa engikuthol­e kuwona wonke umuntu nala ngihamba khona. Ngithatha isikhathi sami sonke ukwenza umculo oyindlela engiyiphil­ayo.”

Uthe uyathemba abantu bazokujabu­lela konke azimisele ukukwenza kulo nyaka okuzothint­a umculo.

“Njengoba nginekhaya elisha nje manje ngizokhiph­a i-albhamu ephelele maduze. Isikhathi sasebusika okunzima ukusebenza kuso ngenxa yamakhaza ngeke singivimbe ukufinyele­la la ngibheke khona,” kusho uNathi.

UNathi wazakhela igama kuleli ekhipha i-albhamu yakhe yokuqala ethi Buyelekhay­a nangengoma eyayidumil­e ethi Nomvula.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa