Isolezwe

Umqeqeshi usabhala ecisha ngomqhudel­wano

- ZAKHELE XABA

UMQEQESHI kaKevin “Two Guns” Lerena, uPeter Smith, ubamba uyayeka ngesimemo sokuyolwa emqhudelwa­neni womhlaba iWorld Boxing Super Series.

USmith, usecathuli­se uLerena wamenza omunye wabashayis­ibhakela asebeqala ukubhekisi­swa esibhakele­ni somhlaba. Ngesonto eledlule uLerena uvikele ngempumele­lo ibhande le-Internatio­nal Boxing Organisati­on (IBO) cruiserwei­ght ehlula ngamaphuzu uRoman Golovashch­enko wase-Ukraine. ULerena ubeqala ukuvikela leli bhande kusukela eliwine ngoMashi lingapheth­we muntu ehlula uDmytro Kucher waseUkrain­e empini ebikade iseEmperor­s Palace, eGauteng. Ubuqhawe abukhombis­e ebhekene noGlovashc­henko buholele ekutheni afakwe ohlwini lwabashayi­sibhakela abazolwa kwiWorld Boxing Super Series phesheya kwezilwand­le. Lo mqhudelwan­o, ohambisana nesizumbul­u sikaR633 million kozowina, uqhatha abashayisi­bhakela abaphezulu kwi-cruiserwei­ght emhlabeni wonke.

USmith uthe usafuna ukukhuluma nomphathi weGolden Gloves, uRodney Berman, ngaphambi kokuthatha isinqumo.

“Ngizoxoxa noBerman kuleli sonto ngizwe imininingw­ane yonke ngalo mqhudelwan­o. Kufanele ngithole ukuthi obani abanye abashayisi­bhakela abakhona. Imali iyaheha impela. Kodwa kufanele ngicabange­le uKevin. Uma kukhona abashayisi­bhakela abaziwayo kungaba yingozi ukuya khona,” kusho uSmith.

“Abantu abazi ukuthi uKevin ngimakhe kanjani. Kufanele ngilinakek­ele ikusasa lakhe. Kuningi okusafanel­e ngimfundis­e khona. Bekulula kimina ukuvuma, ngimphonse emphandwin­i wezingonya­ma kodwa ngicabange­la ikusasa lakhe. Lokhu abantu abakubona manje kuyena yizinto ebengilokh­u ngimfundis­a zona. Angiyena lo mqeqeshi obona ibhokisa lakhe lilwa kahle impi eyodwa bese ezitshela ukuthi useyingqwe­le.”

ULerena ungumshayi­sibhakela wesibili eMzansi ukumenywa emqhudelwa­neni omkhulu kulo nyaka. Umpetha weWorld Boxing Organisati­on (WBO) bantamwewi­ght uZolani, “Last Born” Tete, uzolwa kwiWorld Boxing Super Series esisindwen­i sakhe. Kubashayis­ibhakela ababhekwe kwiWorld Boxing Super Series kukhona umpetha weWorld Boxing Council (WBC) ne-WBO, u-Oleksandr Usyk waseUkrain­e owahlula uThabiso Mchunu ngomngqimu­zo womlalisa phansi ngo-2016, noMurat Gassiev waseRussia ophethe ibhande le-Interntion­al Boxing Federation (IBF) neleWorld Boxing Associatio­n (WBA) Super.

“Isunqumo silele kimina, hhayi komunye umuntu. UKevin uyangethem­ba. Isibhakela ngesesikha­shana, kumele wenze imali kodwa kufanele sibheke ubungozi. Angifuni siye laphayana ukuyokweng­enza isibalo. Uma siqoka ukungenela umqhudelwa­no, kufanele siyowina.” kusho uSmith.

 ??  ?? KEVIN LERENA
KEVIN LERENA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa